Isithembiso somNaziri*
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Yisho kubantwana bakwaIsrayeli, uthi kubo: Nxa owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esithile, isithembiso somNaziri*, ukuzahlukanisela kuJehova,
3uyakuzahlukanisa newayini nophuzo olunamandla, angaphuzi uviniga wewayini, noviniga wophuzo olunamandla, angaphuzi okwezithelo zomvini, futhi angadli izithelo zomvini ezimanzi nezomileyo.
4Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe akayikudla-lutho olwenziwe ngewayini lezithelo zomvini, kusukela ezimbumbulwini kuze kufike emakhasini.
5Zonke izinsuku zesithembiso sakhe sobuNaziri kungasondeli-mpuco ekhanda lakhe; uyakuba-ngcwele zize ziphelele izinsuku azahlukanisela ngazo kuJehova, avume isihluthu sezinwele zekhanda lakhe sibe-side.
6Zonke izinsuku engumNaziri kaJehova akayikusondela esidumbini.
7Akayikuzingcolisa ngoyise noma ngonina, noma ngomfowabo noma ngodadewabo, nxa befile, ngokuba isithembiso sakhe sobuNaziri sisekhanda lakhe.
8Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe ungcwele kuJehova.
9Uma umuntu efa ngokuzumayo eceleni kwakhe, angcolise ikhanda lobuNaziri bakhe, uyakuphucula ikhanda lakhe ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe, aliphucule ngosuku lwesikhombisa.
10Ngosuku lwesishiyagalombili uyakuletha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba kumpristi ngasemnyango wetende lokuhlangana;
11umpristi uyakunikela ngelinye libengumnikelo wesono nangelinye libengumnikelo wokushiswa, amenzele ukubuyisana, ngokuba wona ngenxa yofileyo; abesengcwelisa ikhanda lakhe ngalolosuku.
12Uyakwahlukanisela kuJehova izinsuku zobuNaziri bakhe, alethe imvu yeduna enomnyaka munye, ibe-ngumnikelo wecala; kepha izinsuku zakuqala ziyakuba-yize, ngokuba ubuNaziri bakhe bungcolisiwe.
13Nanku umthetho womNaziri lapho izinsuku zobuNaziri bakhe seziphelele wokuthi uyakulethwa emnyango wetende lokuhlangana,
14anikele ngomnikelo wakhe kuJehova, imvu yeduna enomnyaka munye engenasici ibe-ngumnikelo wokushiswa, neyensikazi enomnyaka munye engenasici ibe-ngumnikelo wesono, nenqama engenasici ibe-ngumnikelo wokuthula,
15neqoma lesinkwa esingenamvubelo, amaqebelengwane empuphu ecolekileyo exovwé namafutha, nemiqathane engenamvubelo, egcotshwé ngamafutha, nomnikelo wempuphu nowokuphuzwa walokho.
16Umpristi uyakukuletha phambi kukaJehova, anikele ngomnikelo wakhe wesono nangowokushiswa wakhe.
17Uyakunikela ngenqama ibe-ngumhlatshelo womnikelo wokuthula kaJehova kanye neqoma lesinkwa esingenamvubelo; futhi umpristi anikele ngomnikelo wayo wempuphu nangomnikelo wayo wokuphuzwa.
18UmNaziri uyakuphucula ikhanda lobuNaziri bakhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lobuNaziri bakhe, azibeke emlilweni ophansi komhlatshelo weminikelo yokuthula.
19Umpristi uyakuthabatha umkhono ophekiweyo wenqama, neqebelengwane eqomeni, nomqathane ongenamvubelo, akufake ezandleni zomNaziri, nxa esephuculile ubuNaziri bakhe,
20umpristi akuzulise, kube-ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; lokhu kungcwele kumpristi kanye nesifuba sokuzuliswa nethanga lokuphakanyiswa; emva kwalokho umNaziri angaphuza iwayini.
21Lowo ungumthetho womNaziri owenzile isithembiso nowomnikelo wakhe kuJehova ngenxa yobuNaziri bakhe, ngaphandle kokunye angaphumelela kukho; njengesithembiso sakhe asenzayo uyakwenza kanjalo njengomthetho wobuNaziri.
22UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
23Yisho kuAroni nakumadodana akhe, uthi: Niyakubusisa kanje abantwana bakwaIsrayeli; niyakusho kubo, nithi:
24UJehova makakubusise, akulondoloze;
25uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho, abe-nomusa kuwe;
26uJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho, akuphe ukuthula.
27Bayakubeka kanjalo igama lami kubantwana bakwaIsrayeli, mina ngibabusise.