Izibani zasothini
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Yisho kuAroni, uthi kuye: Nxa ubeka izibani, izibani eziyisikhombisa mazikhanyise ngaphambi kothi lwezibani.
3UAroni wenze njalo; wabeka izibani zalo ukuba zikhanyise ngaphambi kothi lwezibani, njengalokho uJehova emyalile uMose.
4Nanku umsebenzi wothi lwezibani, umsebenzi wegolide elikhandiweyo: kuze kube-sesinqeni salo nasezimbalini zalo kwakungumsebenzi okhandiweyo; njengesifanekiso uJehova asibonisé uMose, wenze njalo uthi lwezibani.
Ukumiswa kwamaLevi
5UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
6Thabatha amaLevi phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli, ubahlambulule.
7Uyakwenza kanje kubo ukuba ubahlambulule: fafaza amanzi okuphothula, baziphucule umzimba wonke, bahlanze izingubo zabo, bazihlambulule.
8Bathabathe iduna nomnikelo walo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwé namafutha; nelinye iduna uyakulithabatha libe-ngumnikelo wesono.
9Uyakuletha amaLevi phambi kwetende lokuhlangana, ubuthe yonke inhlangano yabantwana bakwaIsrayeli,
10ulethe amaLevi phambi kukaJehova; abantwana bakwaIsrayeli babeke izandla zabo phezu kwamaLevi,
11uAroni azulise amaLevi phambi kukaJehova abe-ngumnikelo wokuzuliswa ovela kubantwana bakwaIsrayeli, aze asebenze umsebenzi kaJehova.
12AmaLevi ayakubeka izandla zawo ezinhloko zezinkunzi, wena unikele ngenye ibe-ngumnikelo wesono, enye ibe-ngumnikelo wokushiswa kuJehova ukwenzela amaLevi ukubuyisana.
13Uyakubeka amaLevi phambi kuka-Aroni naphambi kwamadodana akhe, unikele ngawo abe-ngumnikelo wokuzuliswa kuJehova.
14Uyakwahlukanisa amaLevi phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli, amaLevi abe-ngawami.
15Emva kwalokho amaLevi ayakungena ukwenza inkonzo yetende lokuhlangana; uyakuwahlambulula, unikele ngawo abe-ngumnikelo wokuzuliswa.
16Ngokuba mina nginikiwe wona phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli; esikhundleni sakho konke okuvula isizalo, amazibulo abo bonke abantwana bakwaIsrayeli, ngizithabathele wona.
17Ngokuba onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli angawami, awabantu nawezilwane; mhla ngishaya amazibulo onke ezweni laseGibithe ngazingcwelisela wona.
18Ngithabathile amaLevi esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwaIsrayeli.
19Ngiwanikile amaLevi abe-yisipho sika-Aroni nesamadodana akhe esivela kubantwana bakwaIsrayeli ukusebenza umsebenzi wabantwana bakwaIsrayeli etendeni lokuhlangana nokwenzela abantwana bakwaIsrayeli ukubuyisana, ukuze kungabikho-sifo phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli, lapho abantwana bakwaIsrayeli besondela endlini engcwele.
20Benze njalo-ke oMose noAroni nayo yonke inhlangano yabantwana bakwaIsrayeli kumaLevi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose ngamaLevi, benze njalo kuwo abantwana bakwaIsrayeli.
21AmaLevi aziphothula, ahlanza izingubo zawo; uAroni wanikela ngawo abe-ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; uAroni wawenzela ukubuyisana ukuwahlambulula.
22Emva kwalokho amaLevi angena ukwenza umsebenzi wawo etendeni lokuhlangana phambi kuka-Aroni naphambi kwamadodana akhe; njengalokho uJehova emyalile uMose ngamaLevi, benze njalo-ke kuwo.
23UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
24Yilokhu okungokwamaLevi: kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili nanhlanu kuya phezulu ayakungena ukugcina umsebenzi wenkonzo yetende lokuhlangana;
25kusukela kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu bayakuphuma emsebenzini wenkonzo, bangabe besakhonza;
26kodwa bayakukhonza kanye nabafowabo etendeni lokuhlangana, bagcine imfanelo kepha bangabe besakhonza. Uyakwenze njalo kumaLevi ngezimfanelo zawo.