AMAHUBO 128
Inhlanhla yekhaya lomuntu oqotho
Igama lokukhuphuka
1Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova,
abahamba ngezindlela zakhe.
2Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho;
uyakuba-nenhlanhla nempumelelo.
3Umkakho uyakuba-njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho,
abantwana bakho babe-njengezithombo zomnqumo, bezungeza itafula lakho.
4Ngokuba bheka, kanjalo iyakubusiswa indoda
emesaba uJehova.
5UJehova makakubusise eseSiyoni;
uyakubona inhlanhla yaseJerusalema zonke izinsuku zokuphila kwakho.
6Uyakubona abantwana babantwana bakho.
Ukuthula makube-phezu kukaIsrayeli.
© Bible Society of South Africa 1959. Used with permission. All rights reserved.