Indumiso kuJehova ngezimangaliso zakhe
1Haleluya!
Dumisani igama likaJehova;
mdumiseni nina-zinceku zikaJehova
2enimi endlini kaJehova
emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu.
3Dumisani uJehova, ngokuba uJehova muhle;
hubelani igama lakhe, ngokuba limnandi.
4Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe,
noIsrayeli ukuba abe-yimfuyo yakhe.
5Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu
nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu.
6Konke uJehova akuthandayo uyakwenza
ezulwini nasemhlabeni,
emanzini nasezinzulwini zonke.
7Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,
wenza imibani kube-yimvula;
ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.
8Washaya amazibulo aseGibithe,
awabantu kanye nawezilwane.
9Wathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibithe,
phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.
10Washaya izizwe ezinkulu,
wabulala amakhosi anamandla:
11uSihoni inkosi yama-Amori,
no-Ogi inkosi yaseBashani,
nemibuso yonke yaseKhanani.
12Wanika izwe labo laba-yifa,
laba-yifa likaIsrayeli, isizwe sakhe.
13Jehova, igama lakho limi phakade;
isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane.
14Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe,
ahawukele izinceku zakhe.
15Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide,
umsebenzi wezandla zomuntu.
16Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;
amehlo zinawo, kodwa aziboni.
17Izindlebe zinazo, kepha azizwa,
nomoya awukho emlonyeni wazo.
18Abazenzayo bayafana nazo,
bonke abazethembayo.
19Wena-ndlu kaIsrayeli, mbonge uJehova;
wena-ndlu ka-Aroni, mbonge uJehova.
20Wena-ndlu kaLevi, mbonge uJehova;
nina enimesabayo uJehova, mbongeni uJehova.
21UJehova makabongwe eSiyoni,
yena owakhé eJerusalema.
Haleluya!