Ukukhala kohluphekile kanzima
Kumholi wokuhlabelela; kuJeduthuni*; ihubo likaDavide
1Ngithé: Ngizakulinda izindlela zami
ukuba ngingoni ngolimi lwami;
ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo,
omubi esekhona phambi kwamehlo ami.
2Ngabindela impela, ngathula nakukho okuhle;
kwavuswa ubuhlungu bami.
3Inhliziyo yami yavutha phakathi kwami;
kwaphembeka umlilo ngisazindla;
ngakhuluma ngolimi lwami.
4Jehova, ngazise ukuphela kwami,
nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini;
mangazi ukuthi ngingodlulayo.
5Bheka, izinsuku zami wazenza zabangangobubanzi besandla;
imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe;
impela yilowo nalowomuntu ungumoya nje, noma eqiné kangakanani. Sela*.
6Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje;
impela uzikhathaza ngokuyize nje;
unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.
7Kalokhu-ke, Nkosi, ngilindele-ntoni na?
Ithemba lami likuwe.
8Ngisindise kuzo zonke iziphambeko zami,
ungangenzi isithuko sesiwula.
9Ngiyathula, angivuli umlomo wami;
ngokuba nguwe okwenzileyo.
10Susa kimi ukushaya kwakho,
ngokuba ngiyaqedwa ngukushaywa yisandla sakho.
11Nxa ulaya umuntu ngesijeziso ngenxa yeziphambeko,
ubuhle bakhe ubenza buphele njengenundu;
yilowo nalowomuntu ungumoya nje. Sela*.
12Yizwa umkhuleko wami, Jehova, ulalele ukumemeza kwami;
ungathuli ngezinyembezi zami,
ngokuba ngingumfokazi kuwe;
ngiyisihambi njengokhokho bami bonke.
13Yeka ukungibuka, ngize ngincibilike,
ngingakamuki lapha, ngingabe ngisabakho.