AMAHUBO 47
UNkulunkulu ungumbusi wezinto zonke
Kumholi wokuhlabelela; elamadodana kaKora; ihubo
1Shayani izandla, zizwe zonke;
hlokomani kuNkulunkulu ngezwi lokuhalalisa.
2Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka;
uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke.
3Wathobisa abantu phansi kwethu,
nezizwe phansi kwezinyawo zethu.
4Wasikhethela ifa lethu,
udumo lukaJakobe amthandayo. Sela*.
5UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma,
uJehova ngokukhala kwecilongo.
6Hubelani uNkulunkulu, hubani!
Hubelani iNkosi yethu, hubani!
7Ngokuba uNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke;
hubani ihubo!
8UNkulunkulu uyabusa izizwe;
uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe esingcwele sobukhosi.
9Izikhulu zabantu zibuthene,
zibe-yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama,
ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu;
uphakeme kakhulu.
© Bible Society of South Africa 1959. Used with permission. All rights reserved.