Umkhuleko wocela ukuthotshiswa kwabahluleli ababi
Kumholi wokuhlabelela; indlela: Ungachithi; elikaDavide; iMiktamu*
1Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na?
Madodana abantu, nahlulela ngobuqotho na?
2Ingani enhliziyweni niphehla imisebenzi emibi;
ezweni nilinganisa ngesilinganiso ukudluzula kwezandla zenu.
3Ababi bahlubuka kwasesizalweni,
abaqamba amanga baduka kwasesiswini.
4Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka;
banjengebululu eliyisithulu, elivimba indlebe yalo,
5lingalaleli izwi lezinyanga
ezilumba amalumbo ngokuhlakanipha.
6Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo, Nkulunkulu;
phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova.
7Mabaphele njengamanzi agobhozayo;
nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi iqundekile.
8Mababe-njengomnenke oncibilika, uphele,
njengokuphuphumé kowesifazane okungalibonanga ilanga.
9Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva,
uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha.
10Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo;
uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi,
11abantu baze bathi: Impela ukhona umvuzo wolungileyo;
impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.