Umkhuleko wocela ukusizwa ekunqobeni kwezitha
Kumholi wokuhlabelela; indlela: Umnduze; ubufakazi; iMiktamu* likaDavide, ekulweni kwakhe nama-Aramu-Naharayimi nama-Aramu-Soba, uJowabe ebuya, enqoba abakwaEdomi esiGodini sikaSawoti abayizinkulungwane eziyishumi nambili
1Nkulunkulu usilahlile, usichithile;
mawubuye usilulamise.
2Uzamazamisile umhlaba, wawudabula izimfa;
zivale izimfa zawo, ngokuba uyazamazama.
3Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima;
usiphuzisile iwayini, sabuyazela.
4Abakwesabayo ubaniké ibhanela*
ukuba liphakanyiswe ngenxa yeqiniso. Sela*.
5Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe,
sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele.
6UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi: Ngiyakwethaba;
ngiyakulidabula iShekemi,
ngisilinganise isiGodi saseSukoti.
7Ngowami uGileyadi, ngowami uManase;
uEfrayimi uyisivikelo sekhanda lami,
uJuda uyintonga yami yokubusa.
8UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela;
phezu kukaEdomi ngiphonsa isicathulo sami;
yethaba ngami, Filistiya.
9Ngubani oyakungiyisa emzini oqinileyo na?
Ngubani oyakungiholela kwaEdomi na?
10Akusiwena-Nkulunkulu osilahlileyo na?
Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.
11Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni,
ngokuba ukusiza komuntu kuyize.
12NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla;
yena uyakunyathela phansi izitha zethu.