AMAHUBO 67
Ukubonga izibusiso zikaNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela; ngogubhu; ihubo; igama
1UNkulunkulu makabe-nomusa kithina, asibusise;
makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela*,
2ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni,
insindiso yakho kubo bonke abezizwe.
3Abantu mabakubonge, Nkulunkulu;
mabakubonge abantu bonke.
4Izizwe mazijabule, zethabe;
ngokuba izizwe uzahlulela ngokulunga,
uzihola izizwe emhlabeni. Sela*.
5Abantu mabakubonge, Nkulunkulu;
mabakubonge abantu bonke.
6Umhlaba uthelile izithelo zawo;
uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.
7UNkulunkulu uyasibusisa;
imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.
© Bible Society of South Africa 1959. Used with permission. All rights reserved.