Isifundiso esivela endabeni yasendulo kwaIsrayeli
IMaskili* lika-Asafa
1Zwanini, bantu bami, umthetho wami,
nibeke izindlebe zenu emazwini omlomo wami.
2Ngizakuvula umlomo wami ngomfanekiso,
ngibonakalise izimfihlakalo zasendulo.
3Esikuzwileyo sakwazi,
nawobaba abasitshela khona,
4asinakukufihla kubantwana babo,
izindumiso zikaJehova sizitshele kuso isizukulwane esizayo,
namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzileyo.
5Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe,
wabeka umthetho kwaIsrayeli,
ayala ngawo obaba
ukuba bafundise abantwana babo,
6ukuze isizukulwane esilandelayo sazi,
abantwana abayakuzalwa,
bavuke, batshele abantwana babo,
7babeke ithemba labo kuNkulunkulu,
bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu,
kepha bagcine imiyalo yakhe.
8Bangabi-njengawoyise,
isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo,
isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso,
nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.
9Abantu bakwaEfrayimi, sebehlomile bephethe iminsalo,
babuyela emuva ngosuku lokulwa.
10Abasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu,
benqaba ukuhamba emthethweni wakhe,
11bakhohlwa imisebenzi yakhe
nezimangaliso zakhe abebabonisile zona.
12Wazenza izimangaliso emehlweni awoyise
ezweni laseGibithe endaweni yaseSowani.
13Wahlukanisa ulwandle, wabawelisa;
wamisa amanzi njengodonga.
14Wabahola ngefu emini,
nobusuku bonke ngokukhanya komlilo.
15Waqhekeza amadwala ehlane,
wabaphuzisa njengasotweni olujulileyo.
16Waphumisa edwaleni izifufula,
wehlisa amanzi njengemifula.
17Nokho baqhubeka benza ukona kuye,
baphambana noPhezukonke ehlane.
18Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabo
ngokucela ukudla abakufisayo.
19Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi:
UNkulunkulu angalungisa isithebe ehlane na?
20Bhekani, washaya idwala, kwaphuma amanzi,
nemifula yampompoza;
kepha angabanika nesinkwa,
alungisele abantu bakhe inyama, na?
21Ngalokho uJehova ekuzwa lokho
wathukuthela, kwavutha umlilo ngoJakobe,
ulaka lwavuka ngoIsrayeli;
22ngokuba abakholwanga nguNkulunkulu,
abathembanga ensindisweni yakhe.
23Nokho wayala amafu phezulu,
wavula iminyango yezulu,
24wanisa phezu kwabo imana* kube-ngukudla,
wabapha amabele ezulu;
25abantu badla isinkwa sezingelosi,
bathunyelwa ukudla ngokugcweleyo.
26Waphumisa umoya wasempumalanga ezulwini;
ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu.
27Wawisa phezu kwabo inyama njengothuli,
nezinyoni ezinamaphiko njengesihlabathi solwandle.
28Wakwehlisa phakathi kwekamu* labo
naphakathi kwezindlu zabo.
29Badla, basuthiswa kakhulu;
baphiwa abakufisayo.
30Bebengakahlukani nokufisa kwabo,
ukudla kwabo kusesemlonyeni wabo,
31intukuthelo kaNkulunkulu yabavukela,
wabulala abakhulupheleyo babo,
wawisa phansi izinsizwa zakwaIsrayeli.
32Nokho bona njalo,
abakholwanga yizimangaliso zakhe.
33Ngakho waqedela izinsuku zabo ezeni
neminyaka yabo ovalweni.
34Lapho ebabulala, bamfuna;
babuye bamfunisisa uNkulunkulu.
35Base bekhumbula ukuthi uNkulunkulu uyidwala labo;
uNkulunkulu oPhezukonke ungumkhululi wabo.
36Kepha bamthopha ngomlomo wabo,
baqamba amanga kuye ngolimi lwabo;
37ngokuba inhliziyo yabo yayingabambeleli kuye,
bengathembekile esivumelwaneni sakhe.
38Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo,
akabhubhisanga;
yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe,
akavusanga lonke ulaka lwakhe.
39Wakhumbula ukuthi bayinyama,
bangumoya odlulayo ongabuyiyo.
40Kwaba-kaningi kangakanani bephambana naye ehlane,
bemdabukisa kwahlongasibi.
41Babuye bamlinga uNkulunkulu,
bamdabukisa oNgcwele kaIsrayeli.
42Abakhumbulanga isandla sakhe
nosuku abahlenga ngalo ezitheni,
43lapho ezenza izibonakaliso zakhe eGibithe
nezimangaliso zakhe endaweni yaseSowani.
44Waphendula lapho imifula yabo nemifudlana yabo yaba-yigazi,
ukuze bangabi-nakuphuza.
45Wathumela phakathi kwabo izibawu ezabadlayo
namasele ababhubhisayo.
46Wanika imiswenya ukudla kwabo,
nomsebenzi wabo isikhonyane.
47Wabulala imivini yabo ngesichotho,
nemikhiwane yabo ngesangquma.
48Wanikela izinkomo zabo esichothweni
nezimvu zabo kuyo imibani.
49Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe,
nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka,
ngokuthuma izithunywa zobubi.
50Walungisela intukuthelo yakhe indlela;
akaphephisanga umphefumulo wabo ekufeni,
kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni.
51Washaya amazibulo onke aseGibithe,
okokuqala kwamandla abo ematendeni kaHamu.
52Kepha waphumisa abantu bakhe njengezimvu;
wabahola ehlane njengomhlambi.
53Wabahola kahle, abaze besaba;
kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo.
54Wabayisa emnceleni wakhe ongcwele,
entabeni esasiyizuzile isandla sakhe sokunene.
55Waxosha abezizwe phambi kwabo;
edabula izwe wababela ifa,
wahlalisa izizwe zakwaIsrayeli ematendeni azo.
56Nokho bamlinga, baphambana noNkulunkulu oPhezukonke,
abaze bagcina imiyalo yakhe.
57Bahoshekela emuva, bakhohlisa njengawoyise,
baphenduka njengomnsalo ogejayo.
58Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo,
bamcunula ngezithombe zabo.
59UNkulunkulu ekuzwa lokho wathukuthela,
wamlahla impela uIsrayeli.
60Walishiya itabernakele* laseShilo,
itende abelimisile phakathi kwabantu.
61Wanikela amandla akhe ekuthunjweni,
nenkazimulo yakhe esandleni sesitha.
62Wanikela abantu bakhe enkembeni,
wathukuthelela ifa lakhe.
63Izinsizwa zabo zadliwa ngumlilo;
izintombi zabo azihutshelwanga.
64Abapristi babo bawa ngenkemba;
abafelokazi babo abaze balila.
65Yayisivuka iNkosi njengokade elele,
njengesiqhwaga esikade sahlulwa yiwayini,
66yazishayela emuva izitha zayo,
yazithela ngehlazo eliphakade.
67Yalahla indlu kaJosefa,
ayikhethanga isizwe sakwaEfrayimi.
68Kepha yakhetha isizwe sakwaJuda,
intaba yaseSiyoni eyithandayo.
69Yayakha indlu yayo engcwele njengezintaba
nanjengomhlaba ewusekeleyo kuze kube-phakade.
70Yakhetha uDavide inceku yayo,
yamthabatha ezibayeni zezimvu.
71Esalandele izimvukazi ezanyisayo,
yamthabatha ukuba abeluse abantu bayo uJakobe,
nefa layo uIsrayeli.
72Njalo wabelusa ngobuqotho benhliziyo yakhe,
wabahola ngenhlakanipho yesandla sakhe.