AMAHUBO 87
IJerusalema, ikhaya lezizwe
Elamadodana kaKora; ihubo; igama
1Isisekelo asibekileyo sisezintabeni ezingcwele.
2UJehova uyawathanda amasango aseSiyoni
kunazo zonke izindlu zikaJakobe.
3Okudumisekayo kukhulunywa ngawemuzi kaNkulunkulu. Sela*.
4Ngiyakubala uRahabi neBabele kulabo abangaziyo;
yebo, iFilistiya neTire kanye neKushe azalelwa khona.
5Kuyakuthiwa ngeSiyoni: Yiló naló wazalelwa khona;
oPhezukonke uyaliqinisa.
6Mhla uJehova eloba izizwe uyakubala ukuthi
lo wazalelwa khona. Sela*.
7Abahubayo nabasinayo bathi:
Imithombo yami yonke ikuwe.
© Bible Society of South Africa 1959. Used with permission. All rights reserved.