Izilo ezimbili
1Ngase ngibona isilo sikhuphuka elwandle, sinezimpondo eziyishumi namakhanda ayisikhombisa, nasezimpondweni zaso kukhona imiqhele eyishumi nasemakhanda aso kukhona amagama enhlamba.
2Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zazinjengezebhere*, nomlomo waso wawunjengomlomo wengonyama. Udrako wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu.
3Elinye lamakhanda aso kungathi lalidebezwé okokufa, kepha ingozi yaso yokufa yelashwa, umhlaba wonke walandela isilo, umangala;
4bakhuleka kudrako, ngokuba wanika isilo amandla akhe, bakhuleka nakuso isilo, bethi: Ngubani ofana nesilo, ngubani ongalwa naso na?
5Sase sinikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nenhlamba, sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingamashumi amane nambili.
6Savula umlomo waso ukuhlambalaza uNkulunkulu, ukuhlambalaza igama lakhe netabernakele* lakhe, nabo abahlezi ezulwini.
7Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe; sanikwa futhi amandla phezu kwemindeni yonke, nabantu, nezilimi, nezizwe.
8Bayakhuleka kuso bonke abakhileyo emhlabeni, wonke ogama lakhe lingalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.
9Uma ekhona onendlebe, makezwe.
10Uma ekhona oyisa ekuthunjweni, uya naye ekuthunjweni; uma ekhona obulala ngenkemba, umelwe naye ukubulawa ngenkemba. Nakhu ukubekezela nokukholwa kwabangcwele.
11Ngase ngibona esinye isilo siphuma emhlabeni, sinezimpondo ezimbili ezifana nezewundlu, kepha sikhuluma njengodrako.
12Amandla onke esilo sokuqala siyawenza phambi kwaso. Siyenza ukuba umhlaba nabo bonke abakhileyo kuwo bakhuleke kuso isilo sokuqala esingozi yaso yelashwa.
13Senza nezibonakaliso ezinkulu, size senze nomlilo uphume ezulwini, wehlele emhlabeni phambi kwabantu.
14Futhi sibadukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esazinikwayo ukuba sizenze phambi kwesilo, sithi kwabakhileyo emhlabeni mabasenzele umfanekiso isilo, ebesinenxeba lenkemba kepha sasinda.
15Sanikwa futhi ukuba siwuphe umfanekiso wesilo umoya, ukuze umfanekiso wesilo ukhulume, senze futhi ukuba bonke abangakhuleki kumfanekiso wesilo babulawe.
16Senza futhi ukuba bonke, abancane nabakhulu, nabacebileyo nabampofu, nabakhululekileyo nabayizigqila, bazibeke uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo
17ukuba angabikho ongathenga nokuba athengise, uma engenalo uphawu, igama lesilo noma isibalo segama laso.
18Nakhu ukuhlakanipha. Onengqondo makabale isibalo sesilo, ngokuba siyisibalo somuntu. Nesibalo sakhe singamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha.