Ukuhamba okungcwele
1Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube-ngukukhonza kwenu kokuqonda;
2ningalingisi lelizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe-nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.
Ukuthobeka
3Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube-ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.
4Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye,
5kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.
6Sinezipho zomusa ezahlukileyo ngokomusa esiwuphiweyo; uma singesokuprofetha, asiprofethe ngesilinganiso sokukholwa;
7uma singesokukhonza, kube-senkonzweni; ofundisayo, kube-sekufundiseni,
8oyalayo, ekuyaleni; owabayo, enze ngobuqotho; oholayo, ngenkuthalo; ohawukelayo, ngentokozo.
Uthando nokuphathana kahle
9Uthando malungabi-nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle;
10thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane;
11ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi;
12ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo;
13hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi.
14Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi.
15Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.
16Manibe-nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.
17Ningaphindiseli-muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke;
18uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke;
19ningaziphindiseli nina-bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.
20Kepha
uma isitha sakho silambile, siphe sidle;
uma somile, siphuzise,
ngokuba ngokwenza lokho
uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.
21Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.