Abanamandla mabasize ababuthakathaka
1Kepha thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka babangenamandla, singazithokozisi thina.
2Yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane, kube-kuhle, aze akheke,
3ngokuba noKristu akazithokozisanga yena, kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi:
Ukuthuka kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.
4Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe-nethemba.
5Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe-nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu,
6ukuze nganhliziyonye nidumise ngamlomo munye uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu.
Bonke mabaphathane ngomoya kaKristu
7Ngalokho yamukelanani, njengalokho noKristu wasamukela, ukuze kudunyiswe uNkulunkulu.
8Ngokuba ngithi uKristu waba-yisikhonzi sabasokileyo ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso ezaphiwa okhokho,
9abezizwe bamdumise uNkulunkulu ngenxa yesihawu sakhe, njengalokho kulotshiwe ukuthi:
Ngalokho ngiyakukudumisa phakathi kwabezizwe,
ngihubele igama lakho;
10abuye athi:
Jabulani nina-bezizwe kanye nesizwe sakhe,
11nokuthi:
Dumisani iNkosi nina nonke-bezizwe,
niyibabaze, nina-bantu bonke.
12Futhi uIsaya uthi:
Kuyakuba-khona impande kaJesayi,
yena oyakuvuka abuse abezizwe;
abezizwe bayakwethembela kuye.
13UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.
UPawulu uchaza umsebenzi wakhe
14Kepha nami ngokwami nganelisiwe ngani-bazalwane bami ukuthi nanigcwele ukuva, nigcwalisiwe ngokwazi konke, ninamandla futhi okuyalana.
15Kepha nginilobele kokunye ngesibindi njengonikhumbuzayo futhi ngenxa yomusa engiwuphiwe nguNkulunkulu
16wokuba ngibe-yisikhonzi sikaKristu Jesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu njengompristi, ukuze abezizwe babe-ngumnikelo owamukeleka kahle, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.
17Ngalokho nginokuzibonga kuKristu Jesu maqondana nokukaNkulunkulu,
18ngokuba angiyikuba-nasibindi sokukhuluma-lutho ngaphandle kwezinto uKristu azisebenza ngami, kube-ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangesenzo,
19ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya oNgcwele, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza ngaze ngafika eIliriku, ngishumayela ivangeli likaKristu ngokupheleleyo.
20Kanjalo ngangihlosé ukushumayela ivangeli kungabi-lapho uKristu waziwa khona, ukuze ngingakhi phezu kwesisekelo somunye,
21kodwa njengalokho kulotshiwe ukuthi:
Abangabikelwanga ngaye bayakubona,
nabangezwanga bayakuqonda.
UPawulu ukhuluma ngokuya eRoma
22Ngenxa yalokho ngathiyeka kaningi ukuza kini;
23kepha manje, lokhu ngingasenandawo kulawamazwe, futhi sekuyiminyaka eminingi ngilangazelela ukuza kini,
24ngiyakuza nxa ngiya eSpaniya; ngokuba ngiyethemba ukuthi ekudluleni kwami ngizakunibona, ngikhashwe yinina, nxa ngiya khona, uma sengiké nganeliswa yinina;
25kepha manje ngisaya eJerusalema ngiyokhonza abangcwele.
26Ngokuba kwaba-khule kwabaseMakedoniya nabaseAkhaya ukwenzela abampofu kwabangcwele baseJerusalema umnikelo othile.
27Kwaba-kuhle, ngokuba nembala banecala kubo; ngokuba uma abezizwe behlanganyela nabo ezintweni zabo zokomoya, banecala futhi lokubakhonza ngezokwenyama.
28Ngakho nxa sengikufezile lokho, ngabeka lesosithelo esandleni sabo, ngizakuhamba, ngidlule ngakini, ngiye eSpaniya;
29kepha ngiyazi ukuthi nxa ngifika kini, ngizakuza nokugcwala kwesibusiso sikaKristu.
30Ngiyanincenga, bazalwane, ngenxa yeNkosi yethu uJesu Kristu nangenxa yothando lukaMoya ukuba nilwe kanye nami ekungikhulekeleni kuNkulunkulu,
31ukuze ngihlanguliswe kwabangakholwayo baseJudiya nokuba lokho engikhonza ngakho eJerusalema kwamukeleke kahle kwabangcwele,
32ukuba ngize kini ngokuthokoza, ngentando kaNkulunkulu, ngiphumule kanye nani.
33UNkulunkulu wokuthula makabenani nonke. Amen.