UBowazi uyamthatha uRuthe abe-ngumkakhe
1UBowazi wenyukela esangweni, wahlala phansi khona; bheka, umhlengi akhuluma ngaye uBowazi, wadlula; wathi kuye: We wena-sibanibani, phambuka, uhlale lapha. Waphambuka, wahlala phansi.
2Wathatha amadoda ayishumi kuwo amalunga omuzi, wathi: Hlalani phansi lapha. Ahlala.
3Wayesethi kuye umhlengi: UNawomi obuyile ezweni lakwaMowabi uyathengisa ngesiqephu sezwe esasingesikaElimeleki;
4bengithi ngiyakukwambulela kuwe, ngithi: Lithenge phambi kwabahleziyo lapha naphambi kwamalunga abantu bakithi; uma ulithenga, lihlenge; kepha uma ungalithengi, ngitshele ukuba ngazi, ngokuba akakho ongalihlenga ngaphandle kwakho, mina ngisemva kwakho. Wayesethi: Ngiyakulihlenga.
5Wathi uBowazi: Msukwana ulithenga izwe esandleni sikaNawomi, ulithenga nakuRuthe wakwaMowabi umkamufi ukuba ulivuse igama lofileyo efeni lakhe.
6Umhlengi wathi: Anginakuzihlengela lona, funa ngone ifa lami; zihlengele wena, ngokuba anginakukuhlenga.
7Lokhu kwakunje ngokuhlenga nokwenana endulo kwaIsrayeli ukuba kuqiniswe izindaba zonke: umuntu wakhumula isicathulo sakhe, wasinika umakhelwane wakhe; lokho kwakungubufakazi kwaIsrayeli.
8Umhlengi wayesethi kuBowazi: Zithengele. Wakhumula isicathulo sakhe.
9UBowazi wayesethi kumalunga nakubantu bonke: Ningofakazi namuhla ukuthi ngithengile konke okwakungokukaElimeleki, nakho konke okwakungokukaKiliyoni nokukaMahaloni esandleni sikaNawomi.
10NoRuthe wakwaMowabi umkaMahaloni ngimthengile abe-ngumkami ukuvusa igama lofileyo efeni lakhe ukuba igama lofileyo linganqunywa phakathi kwabafowabo nasesangweni lendawo yakhe; nina ningofakazi namuhla.
11Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi: Singofakazi; uJehova makenze lowowesifazane ongené endlini yakho abe-njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwaIsrayeli, ucebe e-Efratha, ube-nodumo eBetlehema;
12indlu yakho mayibe-njengendlu kaPheresi uTamari amzalela uJuda ngenzalo uJehova ayakukunika yona ngalentombazana.
13UBowazi wayesemthatha uRuthe, waba-ngumkakhe; wangena kuye; uJehova wamnika ukuba akhulelwe; wazala indodana.
14Abesifazane bathi kuNawomi: Makabusiswe uJehova ongakushiyanga namuhla ungenamhlengi; igama lakhe malidume kwaIsrayeli.
15Uyakuba-ngumbuyisi wokuphila kuwe, nomondli ebudaleni bakho, ngokuba umalokazana wakho okuthandayo, omuhle kuwe kunamadodana ayisikhombisa, umzele.
16UNawomi wamthatha umntwana, wamgona esifubeni sakhe, waba-ngumzanyana wakhe.
17Abesifazane abakhelene naye bamutha igama, bathi: Kuzelwe indodana kuNawomi; baqamba igama lakhe ngokuthi uObede; yena unguyise kaJese, uyise kaDavide.
URuthe ukhokho kaDavide
18Nazi izizukulwane zikaPheresi: uPheresi wazala uHesironi;
19uHesironi wazala uRamu; uRamu wazala uAminadaba;
20uAminadaba wazala uNaheshoni; uNaheshoni wazala uSalimoni;
21uSalimoni wazala uBowazi; uBowazi wazala uObede;
22uObede wazala uJese; uJese wazala uDavide.