1Sengathi nga unjengomfowethu
owancela amabele kamame!
Uma bengikufumana phandle, bengiyakukwanga
ngingadelelwa-muntu.
2Bengiyakukuhola,
ngikuyise endlini kamame;
ubuyakungifundisa;
bengiyakukuphuzisa iwayini eliyolisiweyo,
amanzi ompomegranati* wami.
3Isandla sakhe sokhohlo besiyakubaphansi kwekhanda lami,
nesokunene sakhe besiyakungigona.
4Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema,
ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando,
lungakavumi.
5Ngubani owenyuka ehlane
enciké kothandiweyo wakhe na?
Phansi komapula* ngakuvusa;
lapho unyoko wayenemihelo ngawe,
khona-lapho wayenemihelo owakuzalayo.
6Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho,
njengophawu engalweni yakho,
ngokuba uthando lunamandla njengokufa;
isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo;
amalangabi alo angamalangabi omlilo,
ilangabi likaJehova.
7Amanzi amaningi awanakulucima uthando,
nemifula ayinakuluminzisa;
uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando,
nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa.
Umakoti nabafowabo
8Sinodadewethu omncane,
kanawo amabele;
siyakwenze-njani ngodadewethu
ecelwa na?
9Uma elugange,
siyakwakha phezu kwakhe umbhoshongwana esiliva;
uma eyisicabha,
siyakumvalela ngamapulangwe omsedari*.
10Ngilugange,
namabele ami anjengemibhoshongo;
khona ngaba-semehlweni akhe
njengofumene ukuthula.
Ingcebo enkulu kunekaSolomoni
11USolomoni wayenesivini eBali-Hamoni;
wasinika isivini kubaphathi;
baletha, kwaba-yilowo nalowo, izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva
ngezithelo zaso.
12Isivini esingesami siphambi kwami;
inkulungwane mayibe-ngeyakho, Solomoni,
namakhulu amabili abe-ngawabaphathi bezithelo zaso.
Umyeni nomakoti bayabizana
13Wena ohlala emasimini,
abangane balalela izwi lakho;
ake ungizwise lona.
14Shesha, othandiweyo wami,
ufane nensephe
nesixhumu sendluzele
ezintabeni zamakha.