Intambo yokulinganisa
1Ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu enentambo yokulinganisa esandleni sakhe.
2Ngathi: Uya ngaphi? Wathi kimi: Ngiya ukulinganisa iJerusalema, ngibone ukuthi bungakanani ububanzi balo, bungakanani nobude balo.
3Bheka, ingelosi eyayikhuluma nami yayisiphuma, nenye ingelosi yaphuma ukuyihlangabeza,
4yathi kuyo: Gijima ukhulume kulensizwa ukuthi iJerusalema liyakwakhiwa njengemizi engenazingange ngenxa yobuningi babantu nezinkomo okuphakathi kwalo.
5Kepha mina, usho uJehova, ngiyakuba-lugange lomlilo kulo nxazonke, futhi ngibe-yinkazimulo phakathi kwalo.
6Heyi, heyi, balekelani izwe lasenyakatho! usho uJehova, ngokuba nginihlakazile njengemimoya yomine yezulu, usho uJehova.
7Heyi, zikhulule, uye eSiyoni, wena ohlezi nendodakazi yaseBabele!
8Ngokuba usho kanje uJehova-Sebawoti ongithumile ukulanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaziniphanga — ngokuba othinta nina uthinta inhlamvu yeso lakhe — uthi:
9Bhekani, ngiyakuqhweba ngesandla phezu kwabo, babe-yimpango yababebakhonza, nazi ukuthi nguJehova-Sebawoti ongithumileyo.
10Hlabelela ngokujabula, uthokoze, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba bhekani, ngiyeza, ngiyakuhlala phakathi kwakho, usho uJehova.
11Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noJehova ngalolosuku, zibe-ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, wazi ukuthi nguJehova-Sebawoti ongithumile kuwe.
12UJehova uyakudla ifa lakwaJuda, libe-yisabelo sakhe ezweni elingcwele, abuye akhethe iJerusalema.
13Thula, nyama yonke, phambi kukaJehova, ngokuba uvukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.