UZAKARIYA 5
Umqulu wencwadi ondizayo
1Ngabuye ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nanko umqulu wencwadi ondizayo.
2Yathi kimi: Ubonani na? Ngathi: Ngibona umqulu wencwadi ondizayo, ubude bawo buyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi bawo buyizingalo eziyishumi.
3Yayisithi kimi: Nasi isiqalekiso esiphumela ebusweni bomhlaba wonke, ngokuba ngokusho kwaso bonke abebayo bayakunqunywa lapha, nabo bonke abafungayo bayakunqunywa lapha ngokusho kwaso.
4Ngiyakusiphumisa, usho uJehova-Sebawoti, singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami, sihlale phakathi kwendlu yakhe, siyiqede kanye nemithi yayo namatshe ayo.
Owesifazane ose-efeni*
5Yayisiphuma ingelosi eyayikhuluma nami, yathi kimi: Ake uphakamise amehlo akho, ubone ukuthi kuyini lokhu okuphumayo.
6Ngathi: Kuyini? Yathi: Lokhu kuyi-efa* eliphumayo. Yabuye yathi: Lokhu kungububi babo ezweni lonke.
7Bheka, isisibekelo somthofu saziphakamisa, kwakungowesifazane owahlala phakathi kwe-efa.
8Yathi: Lokhu kungubuBi; wamphonsa phakathi kwe-efa, waphonsa isisindo somthofu emlonyeni walo.
9Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwaphuma abesifazane ababili, umoya usemaphikweni abo; babenamaphiko njengamaphiko kanogolantethe, baliphakamisa iefa emkhathini wezulu nomhlaba.
10Ngase ngithi kuyo ingelosi eyayikhuluma nami: Laba baliyisaphi iefa na?
11Yathi kimi: Ukulakhela indlu ezweni laseShineyari; isilungisiwe liyakubekwa khona endaweni yalo.
© Bible Society of South Africa 1959. Used with permission. All rights reserved.