IJerusalema elikhona nelizayo
1Wo kohlubukileyo nongcolileyo,
muzi ocindezelayo!
2Awuzwa-zwi,
awamukeli ukulaywa,
awumethembi uJehova,
awusondelanga kuNkulunkulu wawo.
3Izikhulu zawo phakathi kwawo
ziyizingonyama ezibhongayo;
abahluleli bawo bayizimpisi zokuhlwa;
abashiyeli-lutho ingomuso.
4Abaprofethi bawo bangamayiyane
nabakhohlisi;
abapristi bawo bayingcolisile indlu engcwele,
bawudlovulile umthetho.
5UJehova ulungile phakathi kwawo,
akenzi okubi;
ekuseni njalo uveza ukwahlulela kwakhe ekukhanyeni,
akuphuthi;
kepha abangalungile abazi amahloni.
6Nginqumile izizwe,
imibhoshongo yazo yasezingosini ichithekile;
ngichithile izitaladi zazo
ukuze kungadluli-muntu;
imizi yazo iqothuliwe
ukuze kungabikho-muntu,
kungabikho ohlala kuyo.
7Ngathi: Nokho uyakungesaba,
wamukele ukulaywa;
indawo yawo yokuhlala ayiyikunqunywa,
kungenzeki konke engiwumisele khona;
kepha bavuka ekuseni, benza okubi.
8Ngalokho, ngilindeleni, usho uJehova,
kuze kube-lusuku engivuka ngalo ukuba ngiphange,
ngokuba kuyisinqumo sami ukubutha izizwe ukuba ngiqoqe imibuso,
ukuze ngithulule phezu kwabo intukuthelo yami,
lonke ulaka lwami oluvuthayo,
ngokuba wonke umhlaba uyakudliwa ngumlilo womhawu wami.
9Ngokuba lapho ngiyakunika abantu izindebe ezihlanzekileyo,
ukuze bonke babize igama likaJehova,
bamkhonze nganhliziyonye.
10Kusukela phesheya kwemifula yaseKushe
abanxusa kimi, indodakazi yabahlakazekileyo bami,
bayakuletha umnikelo wami.
11Ngalolosuku awusayikuba-namahloni
ngazo zonke izenzo zakho
ophambuké ngazo kimi,
ngokuba khona ngiyakususa phakathi kwakho
abazidla ngokujabula,
awusayikuziphakamisa entabeni yami engcwele.
12Kepha ngiyakushiya phakathi kwakho
abantu abahluphekayo nabampofu;
bayakwethemba igama likaJehova.
13Insali yakwaIsrayeli ayisayikwenza okubi,
ingakhulumi amanga,
kungafunyanwa emlonyeni wabo
ulimi olukhohlisayo;
yebo, bayakwaluka, babuthise,
kungekho obesabisayo.
14Hlabelela ngokujabula, ndodakazi yaseSiyoni,
umemeze, Israyeli,
uthokoze, wethabe ngenhliziyo yonke,
ndodakazi yaseJerusalema.
15UJehova ususile ukwahlulelwa kwakho,
uxoshile izitha zakho.
INkosi yakwaIsrayeli, uJehova, iphakathi kwakho;
awusayikwesaba okubi.
16Ngalolosuku kuyakuthiwa kulo iJerusalema:
Ungesabi, Siyoni!
Izandla zakho mazingadangali.
17UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho,
iqhawe eliyakukusindisa;
uyakujabula ngawe ngentokozo,
athule othandweni lwakhe,
ethabe ngawe ngokuhlabelela.
18Abadabuka ngemikhosi
ngiyakubabutha,
ababahlukene nawe,
usathwele ihlazo.
19Bhekani, ngalesosikhathi ngiyakuphatha bonke abakuhluphayo,
ngisindise abaqhugayo,
ngibuthe abaxoshiweyo,
ngibenze indumiso negama
abahlazo labo lalisemhlabeni wonke.
20Ngalesosikhathi ngiyakuningenisa,
ngalesosikhathi ngiyakunibutha,
ngokuba ngiyakunenza igama nendumiso
phakathi kwabantu bonke bomhlaba,
lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwenu
phambi kwamehlo enu, usho uJehova.