1KWA ti emva kwa loku, uNahashi inkosi yabakwaAmoni wa fa, kwa busa indodana yake esikundhleni sake.
2uDavida wa ti, ngi ya kwenza umusa kuHanuni indodana ka Nahashi ngokuba uyise wenza umusa kimi, uDavida wa tuma izitunywa uku m duduza ngoyise; ngako izinceku zika Davida za fika ezweni la kwaAmoni kuHanuni uku m duduza.
3Izikulu zabakwaAmoni za ti kuHanuni, U ti uDavida u ya m dumisa uyihlo ngokuba u tume abaduduzi kuwe na? Izinceku zake a zi zile kuwe ukubona, nokucita, nokuhlola izwe na?
4Ngako uHanuni wa zi tata izinceku zika Davida wa zipucule, wa nquma izivato zazo, pakati wa zi mukisa;
5Abanye ba muka ba m tyela uDavida ngokupatwa kwabantu; wa tuma wa ba hlangabeza ngokuba izinceku zake za zi namahloni kakulu; inkosi ya ti, Hlalani eJeriko ku ze ku kule izilevu zenu, ni buyeke.
6Abantwana baka Amoni ba bona ukuba ba zenzile ba babi kuDavida uHanuni nabantwana baka Amoni ba tuma amatalenta esiliva a inkulungwane ukuba a zityelekele izinqola nabamahashi eMesopotemia na seSiria-maka na seZoba.
7Ba zi tyelekela izinqola ezi izinkulungwane ezi amashumi amatatu nambili, nenkosi ya seMaka nabantu bayo; Be za be misa pambi kweMedeba; Abantwana baka Amoni ba butana ndawonye, ba puma emizini yabo be za empini.
8uDavida wezwa ngako wa tuma uJoabi nebandhla lonke lamaqawe.
9AbakwaAmoni ba puma ba hlela impi pambi kwesango lomuzi; namakosi a e zile, ema odwa endhle.
10uJoabi wa bona ukuba impi se i bheke yena ngapambili na ngasemva wa tata kwabaketiweyo ba kwa Israeli wa ba hlelela amaSiria.
11Nabaseleyo abantu wa ba nikela esandhleni sika Abishai umfo wabo, nabo ba zihlelela amadodana ka Amoni.
12Wa ti, Uma amaSiria e namandhla ku nami kona u ya kuza u ngi size, uma amadodana ka Amoni e namandhla ku nawe kona ngi ya kukusiza.
13Yiba nesibindi a senzele abantu ba kiti ngobuqawe, nemizi ka Tixo wetu; uJehova enze okufaneleyo emehlweni ake.
14uJoabi nabantu aba be naye ba sondela ngapambi kwamaSiria ukulwa kwa ti a baleka pambi kwake.
15AbakwaAmoni ba bona ukuba amaSiria a balekile nabo ba baleka ebusweni buka Abishai umfo wabo, ba ya, ba ngena emuzini; uJoabi wa ya eJerusalema.
16Lapo amaSiria se bonile ukuba a hluliwe abaIsraeli, a tuma izitunywa a tata amaSiria a e ngapesheya komfula; uShofaki inkosi yempi ka Hadareza wa hamba pambi kwawo.
17Kwa bikwa kuDavida wa buta abakwa Israeli bonke, wa wela iJordani weza kuwo, uDavida wa hlela impi pambi kwawo. Lapo uDavida se hlelile impi pambi kwamaSiria ukulwa, A ti a lwe naye.
18AmaSiria a baleka pambi kwaba Israeli uDavida wa bulala kumaSiria amabuto ezinqola a izinkulungwane ezi isikombisa naba hamba pansi aba izinkulungwane ezi amashumi amane, wa bulala uShofaki induna yempi.
19Lapo izinceku zika Hadareza se zi bonile ukuba ba hlulwa abakwa Israeli ba tela kuDavida ba m konza, amaSiria a vumanga ukusiza abantwana baka Amoni futi.