1KUMADODANA ka Aroni lawa a izigaba; amadodana ka Aroni; uNadabi, uAbihu, uEleazari noItamari.
2uNadabi noAbihu ba fa, be nga ka fi oyise babo, ba be nge nabantwana, ba ti uEleazari noItamari ba be abapristi.
3uDavida wa ba hlukanisela ukuze uZadoki kumadodana ka Eleazari noAhimeleki kumadodana ka Itamari ba be nomsebenzi wabo enkonzweni yabo.
4Amadodana ka Eleazari a funyanwa e abantu abakulu abaningi ku namadodana ka Itamari; ba hlukaniswa ngokunjalo; kumadodana ka Eleazari izikulu zendhlu ya oyise ezi ishumi nesitupa na kumadodana ka Itamari izinhloko zendhlu ya oyise ezi isishiyagalombili.
5Ba bahlukanisa ngenkato laba nalabo, ngokuba amakosana endawo e ingcwele namakosana ka Tixo a be amadodana ka Eleazari namadodana ka Itamari.
6uShemaia indodana ka Netaneli, umbali wamaLevi, wa ba bala pambi kwenkosi namakosana, noZadoki umpristi noAhimeleki indodana ka Abiatari naba izinhloko za osise pakati kwabapristi napakati kwabaLevi, enye indhlu ya oyise ya kityelwa uEleazari nenye ya kityelwa uItamari.
7Kona inkato kuqala ya dhla uJehoiaribi, ngokwesibili uJedaia,
8Ngokwesitatu uHarimo, ngokwesine uSeorimi,
9Ngokwesihlanu uMalkija, ngokwesitupa uMijamini,
10Ngokwesikombisa uHakozi, ngokwesishiyagalombili uAbija,
11Ngokwesishiyagalolunye uJeshua, ngokweshumi uShekania,
12Ngokweshumi nanye uEliashibi, ngokweshumi nambili uJakimi,
13Ngokweshumi nantatu uHupa, ngokweshumi nane uJeshebeabi,
14Ngokweshumi nanhlanu uBilga, ngokweshumi nesitupa uImma,
15Ngokweshumi nesikombisa uHezire, ngokweshumi nashiyagalombili uAfsesi,
16Ngokweshumi nashiyagalolunye uPetahia, ngokwamashumi amabili uJehezekeli,
17Ngokwamashumi amabili nanye uJakini, amabili nambili uGamule,
18Ngokwamabili nantatu uDelaia, ngokwamabili nane uMaazia.
19Loku ku ukumiswa kwabo enkonzweni yabo ukungena endhlini ka Jehova, njengomkuba wabo, ngapansi kuka Aroni uyise, njengokuba uJehova uTixo ka Israeli a m yaleza.
20Abaseleyo emadodaneni ka Levi i laba; Emadodaneni ka Amramu; uShubaeli; emadodaneni ka Shubaeli; uJedeia.
21Ngaye uRehabia; emadodaneni ka Rehabia, owokuqala uIsshia.
22Kwa ka Izari, uShelomote; wamadodana ka Shelomote; uJahati.
23Amadodana ka Hebroni; uJeria owokuqala, uAmaria owesibili, uJehazieli owesitatu, uJekameami owesine.
24Owamdodana ka Uzieli; uMika; owamadodana ka Mika; uShama.
25Umfo wabo ka Mika kwa ku Isshia; owamadodana ka Isshia; uZekaria.
26Amadodana ka Merari oMahli noMushi; amadodana ka Jaazia; uBeno.
27Amadodana ka Merari ngoJaazia; uBeno, uShohamu, uZaka, noIbri.
28KuMahli kwa vela uEleazari, owa e nge namadodana.
29NgoKishi; indodana ka Kishi kwa ku uJerameli.
30Njalo amadodana ka Mushi; uMahli, uEda, noJerimote. Laba amadodana ka Levi emva kwendhlu ya oyise.
31Na laba futi benza inkato njengabazalwana babo amadodana ka Aroni ebusweni buka Davida inkosi, noZadoki, noAhimeleki, nezinduna za oyise babapristi nabaLevi, oyise, nenduna i fane nomfo wabo omncane.