1ABANTU ba kwa Israeli, ngomumo wabo izinhloko zezindhlu, namakosana ezinkulungwane namakulu nezinduna zawo eza konza enkosini ezindabeni zonke zezigaba eza zi ngena neza zi puma izinyanga ngezinyanga, ezinyangeni zonke zomnyaka, isigaba si sinye sa si izinkulungwane ezi amashumi amabili nane.
2Pezu kwesigaba sokuqala ngenyanga yokuqala kwa ku uJashobamu indodana ka Zabdieli; esigabeni sake kwa ku kona izinkulungwane ezi amashumi amabili nane.
3Kubantwana baka Farezi o wa e inhloko yezinduna zonke zempi enyangeni yokuqala.
4uDodo umAhohi wa e pezu kwesigaba senyanga yesibili esigabeni sake uMikloti wa e umbusi; Esigabeni sake ba be izinkulungwane ezi amashumi amabili nane.
5Induna yesitatu yempi ngenyanga yesitatu ya i uBenaia indodana ka Jehoida umpristi omkulu; Esigabeni sake ba be izinkulungwane ezi amashumi amabili nane.
6Lo uBenaia iqawe kwa ba amashumi amatatu wa e pezu kwamashumi amatatu. uAmizabade indodana yake wa e kwesigaba sake.
7Owesine ngenyanga yesine kwa ku uAsaheli umfo wabo ka Joabi, uZebadia indodana yake emva kwake; Esigabeni sake ba be izinkulungwane ezi amashumi amabili nane.
8Owesihlanu ngenyanga yesihlanu kwa ku uShamhute umIzrahi induna; Esigabeni sake ba be izinkulungwane ezi amashumi amabili nane.
9Owesitupa ngenyanga yesitupa kwa ku Ira indodana ka Ikeshi umTekoi; Esigabeni sake ba be izinkulungwane ezi amashumi amabili nane.
10Owesikombisa, ngenyanga yesikombisa kwa ku uHelezi umPeloni o wamadodana ka Efraimi; Esigabeni sake ba be izinkulungwane ezi amashumi amabili nane.
11Owesishiyagalombili ngenyanga yesishiyagalombili kwa ku uSibekai umHushati kumaZahi; Esigabeni sake ba be izinkulungwane ezi amashumi amabili nane.
12Owesishiyagalolunye ngenyanga yesishiyagalolunye kwa ku Abiezeri umAnetoti kumaBenjamini; Esigabeni sake ba be izinkulungwane ezi amashumi amabili nane.
13Oweshumi ngenyanga yeshumi kwa ku uMaharai umNetofati, kumaZahi; Esigabeni sake ba be izinkulungwane ezi amashumi amabili nane.
14Oweshumi nanye ngenyanga yeshumi nanye kwa ku uBenaia umPiratoni kumadodana a kwa Efraimi; Esigabeni sake ba be izinkulungwane ezi amashumi amabili nane.
15Oweshumi nambili ngenyanga yeshumi nambili kwa ku uHeldai umNetofati ka Otnieli; Esigabeni sake ba be izinkulungwane ezi amashumi amabili nane.
16Pezu kwezizwe za kwaIsraeli; kumaRubeni uEliezari indodana ka Zikri wa e umbusi kumaSimeoni, uShefatia indodana ka Maka;
17KumaLevi uHashabia indodana ka Kemueli; kwa ba ka Aroni uZadoki;
18Kwa ba ka Juda uElihu owabazalwana baka Davida; kwa ba ka Isakari uOmri indodana ka Mikaeli.
19Kwa ba ka Zebuloni uIshimaia indodana ka Obadia; kwa ba ka Naftali uJerimote indodana ka Azrieli.
20Kumadodana ka Efraimi, uHoshea indodana ka Azaria, enxenyeni yesizwe sika Manasa uJoeli indodana ka Pedaia;
21Kwenye inxenye yesizwe sika Manasa eGiladi uIddo indodana ka Zekaria; kumaBenjamini uJasieli indodana ka Abneri;
22KumaDani uAzareli indodana ka Jerohamu. Laba ba amakosana ezizwe za kwa Israeli.
23uDavida a ba balanga aba neminyaka e mashumi mabili, naba ngapansi ngokuba uJehova wa e tembisile ukwandisa uIsraeli njengezinkanyezi zezulu.
24uJoabi indodana kaZeruia wa qala ukubala kodwa a ka qedanga ngokuba ngenxa ya loko kwa ba kona ulaka pezu kwabaIsraeli, umumo ka wu bekwanga encwadini yezindaba yenkosi uDavida.
25uAzmaveti indodana ka Adieli wa e pezu kwemfuyo yenkosi na pezu kwezindhlu zokudhla endhle na semizini na semizaneni na sezinqabeni kwa ku uJonatani indodana ka Uzia.
26Pezu kwezisebenzi zamasimu zokulima umhlabati kwa ku Ezri indodana ka Kelube.
27uShimi umRamati wa e pezu kwezivini nowa e pezu ko kwa ku sezivinini iwaini lokubekwa kwa ku uZabdi umShifmi;
28uBalahanani umGederi wa e pezu kwemigwenya nemiti yesikamore o kwa ku sematafeni pezu kwemigodi yamafuta kwa ku uJoashi.
29Pezu kwemihlambi e ya i dhla eSharoni kwa ku uShitrai umSharoni na pezu kwemihlambi e sezimfundeni kwa ku uShafati indodana ka Adlai;
30Pezu kwamakamelo kwa ku Obile umIshmaeli; na pezu kwezinjomane kwaku uJedeia umMeronoti.
31Pezu kwemihlambi kwa ku uJazize umHageri. Bonke laba ba be ababusi bemfuyo yenkosi uDavida.
32uJonatani, uyisekazi ka Davida wa e ilunga; umuntu o hlakanipileyo, nombali uJehieli indodana ka Hakmoni wa e kanye namadodana enkosi.
33uAhitofeli wa e umyali wenkosi; uHushi umAki wa e ilunga lenkosi.
34uJehoida indodana ka Benaia wa e pansi kuka Ahitofeli, noAbiatari. Induna yempi yenkosi ya i uJoabi.