1U KONA ini umuntu kini, e necala komunye, o nesibindi sokumangala kwabangalungile, e nga mangali kwabangcwele na?
2A nazi ini ukuti, abancwele ba ya kwahlula izwe? Kepa uma izwe li ya kwahlulwa inina, a ni fanele ini ukunquma amacala amancinyane na?
3A nazi ini ukuti, si ya kwahlula izingelosi? Kakulu okwa lokukupila!
4Njalo uma ni namacala a lokukupila, ni ya misa abadelelwayo bebandhla ukuwateta na?
5Ngi tyo loku ni ze ni be namahloni. Ku njalo ini? a ku ko namunye kini ohlakanipileyo, o nga nquma amacala pakati kwabazalwane bake na?
6Kodwa umzalwane u mangalela umzalwane, enza loku na kwabangakolwayo na?
7Nempela li kona icala kini, ngokuba ni mangalela na. Ini ni nga vumi noniwe na? ini ni nga vumi namukwe na?
8Kepa ni yona, ni yamuka, yebo ni yamuka nabazalwane.
9A nazi ini ukuti, abangalungile a ba yi kulidhla ifa lombuso kaTixo? Ni nga kohliswa; izihlobongi, nababonga otixo, nezipingi, nezifebe, nabesilisa aba hlobonga nabesilisa,
10Namasela, nabafisayo, nezidakwa, nabanenhlamba, nabapangayo, a ba yi kulidhla ifa lombuso ka Tixo.
11Ba be njalo abanye ba kini; kodwa se ni hlanziwe nina se ni hlanjululiwe, ni tetelelwe ngegama leNkosi uJesu, na ngoMoya ka Tixo wetu.
12Konke ku ya vumeka kimi, kepa a ku ngi fanele konke; konke ku ya vumeka kimi, kepa a ngi yi kwahlulwa luto.
13Ukudhla ku ngokwesisu, nesisu si ngesokudhla, kepa uTixo u ya kuqeda kokubili. Kodwa umzimba a siwo owokuhlobonga, u ngoweNkosi; neNkosi i ngeyomzimba.
14Kepa uTixo wa i vusa iNkosi, u ya kusivusa nati ngamandhla ake.
15A nazi ini ukuti, imizimba yenu i ngamalungu ka Kristu na? Po! ngi nga tabata amalungu ka Kristu, ngi wenze amalungu esifebe na? A ku nga bi njalo.
16A nazi ini ukuti o bambelele esifebeni, u umzimba munye naso; ngokuba u ti yena, Labababili ba ya kuba inyamanye.
17Kepa o bambelele eNkosini, u umoya munye nayo.
18Balekelani ukuhlobonga, zonke izono a zenzayo umuntu, zi ngapandhle komzimba; kepa ohlobongayo wona umzimba wake.
19A nazi ini ukuti, umzimba wenu u itempeli lika Moya o ingcwele o kinina, eni naye e vela kuTixo, a ni sibo abenu?
20Ngokuba ni tengiwe ngentengo; Ngako bongani uTixo ngomzimba wenu, na ngomoya wenu, oku ngokuka Tixo.