1INKOSIKAZI ya seSheba lapo i si zwile udumo luka Solomona ngegama lika Jehova, yeza ukumlinga ngemibuzo elukuni.
2Yeza eJerusalema nehele elikulu kakulu, amakamelo e twele amaka, negolide eliningi, namatye a nenani; ekutikeni kwayo kuSolomona, ya kuluma naye ngako konke okwa ku senhliziyweni yayo.
3uSolomona wa pendula imibuzo yonke yake; kwa ku ngeko luto olufihliweyo enkosini, e nga yi casiselanga yona.
4Inkosikazi ya seSheba i si bonile ukuhlakanipa konke kuka Solomona, nendhlu a be yakile.
5Nokudhla esitebeni sake, nokuhlala kwezinceku zake, nokuma kwabakonzi bake, nokugqoka kwabo, nabapata izitya zake, nokukupuka kwake ukuya endhlini ka Jehova; kwa pela amandhla ayo.
6Ya ti enkosini, Za zi qinisile lezozindaba enga zi zwa ezweni lami, ngamazwi ako na ngokuhlakanipa kwako.
7Kepa, nga ngi nga kolwa ilamazwi, nga ze nga fika, ngi ku bonile ngamehlo ami; bheka, nga ngi nga tyelwa inxenye yako; ukuhlakanipa kwako, nobucebi bako ku ya dhlula udumo enga lu zwayo.
8Ba busisiwe abantu bako! zi busisiwe nezinceku zako lezi, ezi mi njalo pambi kwako, ezi zwa ukuhlakanipa kwako!
9Ma ka bongwe uJehova uTixo wako, owa tokoza ngawe, ukuba a ku mise esihlalweni sobukosi sa kwa Israeli; ngokuba uJehova wa ba tanda abaIsraeli na pakade, ngako wa ku misa u be inkosi, nokuteta amacala, nokwenza ukulunga.
10Ya yi nika inkosi amatalenta egolide a ikulu namashumi amabili, nobuningi bamaka, namatye a nenani; A ku za nge ku vela futi ubuningi bamaka njengawo lamaka uSolomona a piwa wona inkosikazi ya seSheba.
11Futi nemikumbi ka Hiramu, eya tuta igolide eli vela eOfire, ya tuta nga kona futi imiti yealmuge eminingi, namatye a nenani.
12Ngemiti yealmuge inkosi yenzela indhlu ka Jehovan endhlu yenkosi izinsika, nezingubu, nezinkoka zabahlabelelayo; a i zanga i fike imiti yealmuge e njena, ka yi bonwanga ku ze ku be namhlanje.
13Inkosi uSolomona wa yi nika inkosikazi ya seSheba konke e ku tandayo, konke e ku celayo, ngapandhle kwako konke e ku piwayo nguSolomona ngemfuyo yake yobukosi, ya buya ya pindela ezweni la kubo, yona kanye nezinceku zayo.
14Isisindo segolide e la fika kuSolomona ngomnyaka munye kwa ku amatalenta egolide a ngamakulu a isitupa, namashumi a isitupa nesitupa,
15Ngapandhle kwa lelo a li tatileyo kubatengi, na kubatengi bamaka, namakosi onke a seArabia, nababusi bezwe.
16Inkosi uSolomona wenza izihlangu za ngamakulu amabili zegolide elikandiweyo; amashekeli a ngamakulu a isitupa kuso isihlangu si sinye.
17Wenza amahau egolide elikandiweyo a ngamakulu amatatu, izilinganiso ezintatu zegolide kulo ihau li linye; inkosi ya wa beka endhlini ya sehlane eLebanoni.
18Futi, inkosi ya senza isihlalo sobukosi ngezimpondo zendhlovu, ya si nameka ngegolide elihle kakulu.
19Isihlalo lesi sa si nezikwelo ezisitupa ngapezulu sa si indilinga ngasemva; ya i kona imikono emacaleni amabili esihlalweni, amabubesi amabili ema nga secaleni lemikono.
20A miswa amabubesi a ishumi nambili, ngalapa na ngalapaya kwezikwelo ezisitupa; kwa ku ngeko okunjalo emibusweni yonke yomhlaba.
21Izitya zonke zokupuza zayo inkosi uSolomona za zi igolide, nezitya zonke zendhlu ya sehlane eLebanoni za zi igolide elihle, za zi ngeko e zesiliva; kwa tiwa isiliva li ize nje emihleni ka Solomona.
22Ngokuba inkosi ya i nemikumbi ya seTarshishe elwandhle nayo imikumbi ka Hiramu; kanye ngeminyaka emitatu yeza imikumbi ya seTarshishe, ya tuta igolide, nesiliva, nezimpondo zendhlovu, nezimfene, nezinyoni zezulu.
23Kanjalo inkosi uSolomona wa wa dhlula amakosi onke omhlaba ngobucebi na ngokuhlakanipa.
24Abantu ezweni lonke beza kuSolomona, ukuzwa ukwazi kwake, uTixo a ku bekileyo enhliziyweni yake.
25Ba leta ku i lowo isipo sake, izitya zesiliva, nezitya zegolide, nezingubo, nezikali, namaka, namahashi, nezinjomane, iminyaka ngeminyaka.
26uSolomona wa buta izinqola, namahashi okukwelwa; wa e nezinqola ezi inkulungwane namakulu amane, nabakweli bamahashi a izinkulungwane ezi ishumi nambili, wa ba beka emizini yezinqola, na senkosini eJerusalema.
27Inkosi yenza isiliva la seJerusalema li be njengamatye nje, namasedare njengemiti yesikamore emfundeni, ngobuningi.
28uSolomona wa e namahashi a vela Egipite, nezintambo zelineni abatengi benkosi ba zi tata izintambo zelineni ngemali e tize.
29Kwa kupuka kwa puma inqola Egipite yamashekeli esiliva a ngamakulu a isitupa, nehashi lamashekeli a ikulu namashumi amahlanu, kwa ku njalo a leta onke amakosi amaHiti, namakosi amaSiria, ngesandhla sawo.