1LEZA izwi lika Jehova kuJehu indodana ka Hanani lokucita uBasha, ukuti,
2Ngokuba nga ku pakamisa nga sotulini, nga kwenza u be inkosi yabantu bami abaIsraeli, u hambile kodwa endhleleni ka Jeroboamu, wenzile abantu bami abaIsraeli bone, u ngi vusile ulaka ngezono zabo;
3Bheka, ngi ya kususa inzalo ka Basha, nenzalo yendhlu yake; ngi ya kwenza indhlu yako i be njengayo indhlu ka Jeroboamu indodana ka Nebati.
4Yena ofayo ka Basha emuzini u ya kudhliwa izinja; yena kwaba kwake ofayo endhle, u ya kudhliwa izinyoni.
5Imisebenzi eminye ka Basha, nokwenza kwake, namandhla ake, a ku lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaIsraeli?
6uBasha wa lala nokoko bake wa m belwa eTirza; uEla indodana yake wa busa esikundhleni sake.
7Futi kwa fika izwi ngaye uJehu umprofeti indodana ka Hanani kuBasha, nakuyo indhlu yake, ngenxa yokubi konke a be kwenzile emehlweni ka Jehova, ngokumvusela ulaka ngomsebe nzi wezandhla zake, nokufana nendhlu ka Jeroboamu, ngokuba wa m bulala.
8Ngomnyaka o ngamashumi amabili nesitupa ka Asa inkosi yabaJuda wa qala uEla indodana ka Basha ukubusa kwa Israeli eTirza, iminyaka emibili,
9Inceku yake uZimri, induna yenxenye yezinqola zake, wa menzela icebo, lapo e be e seTirza, e puza a ze a dakwe endhlini ka Arza, umlindi wendhlu yake eTirza.
10uZimri wa ngena wa m bulala, wa ze wa fa, ngomnyaka wamashumi amabili nesikombisa ka Asa inkosi yabaJuda, wa busa esikundhleni sake.
11Kwa ti, ekuqaleni kwake ukubusa, qede a hlale esihlalweni sake sobukosi, wa bulala indhlu yonke ka Basha; ka m shiyanga namunye o nobudoda, kwaba kwabo, na kuzo izihlobo zake.
12Njaloke uZimri wa qeda indhlu yonke ka Basha, njengalo izwi lika Jehova, a li tyoyo kuBasha, ngoJehu umprofeti.
13Ngenxa yezono zonke zika Basha, nezono zika Ela indodana yake, a bone ngazo, benza abaIsraeli bone nagazo, ngokuvusa ulaka luka Jehova uTixo wabaIsraeli ngokuzidhla kwabo,
14Imisebenzi eminye ka Ela, nako konke a kwenzayo, ka ku lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaIsraeli?
15Ngomnyaka wamashumi amabili nesikombisa ka Asa, inkosi yabaJuda uZimri wa busa eTirza izinsuku ezi isikombisa. Abantu ba be haqa iGibetoni, umuzi wamaFilisti.
16Abantu aba haqayo kona bezwa ku tiwa, uZimri wenzile icebo, futi u bulele inkosi; ngako abaIsraeli bonke ba m misa uOmri, induna yamabuto, a be inkosi yabaIsraeli nga lolusuku kona ekamu.
17uOmri wa kupuka nga seGibetoni, kanye nabaIsraeli bonke, ba haqa iTirza.
18Kwa ti, uZimri e se bonile ukuba umuzi wa u nqotyiwe, wa ngena esigodhlweni sendhlu yenkosi, wa yi tyisa indhlu yenkosi ngomlilo e kona pakati, wa fa kona.
19Ngenxa yezono zake ona ngazo ngokwenza okubi emehlweni ka Jehova, ngokuhamba endhleleni ka Jeroboamu, ngesono sake, wonisa abaIsraeli.
20Imisebenzi eminye ka Zimri, nokuhlubuka kwake, ka ku lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi aba Israeli.
21Kona abantu abaIsraeli ba hlukaniswa kabili; abanye ba landela uTibni indodana ka Ginate, ba m misa a be inkosi; abanye ba landela uOmri.
22Kodwa abantu aba be landela uOmri ba bahlula abantu aba be landela uTibni indodana ka Ginate; njalo uTibni wa fa, uOmri wa busa.
23Ngomnyaka o ngamashumi amatatu nanye ka Asa inkosi yabaJuda uOmri wa qala ukubusa kwa Israeli, iminyaka e ishumi nambili, iminyaka e isitupa wa busa eTirza.
24Wa tenga intaba iSamaria kuShemare ngamatalenta amabili esiliva, waka emangweni, wa qamba igama lomuzi a wakileyo, ngegama lika Shemare umniniyo intaba, ukuti iSamaria.
25Kodwa uOmri wenza kabi emehlweni ka Jehova, wona ku nabo bonke aba ngapambili kwake.
26Ngokuba wa hamba ngendhlela yonke ka Jeroboamu indodana ka Nebati, na sesonweni sake ngaso wonisa abaIsraeli, ukuvusa ulaka luka Jehova uTixo ka Israeli ngokuzindhla kwabo.
27Imisebenzi eminye ka Omri a yenzileyo, namandhla ake a wa bonakalisayo, a ku lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaIsraeli.
28uOmri wa lala nokoko bake, wa mbelwa eSamaria; uAhabi indodana yake wa busa esikundhleni sake.
29Ngomnyaka o ngamashumi amatatu neshiyagalombili ka Asa inkosi yabaJuda uAhabi indodana ka Omri wa qala ukubusa kwa Israeli; uAhabi indodana ka Omri wa busa kwa Israeli eSamaria iminyaka e ngamashumi amabili nambili.
30uAhabi indodana ka Omri wenza okubi emehlweni ka Jehova ku nabo bonke aba be ngapambili kwake.
31Kwa ti futi, (kwa ku ize yini ukuba wa hamba ezonweni zika Jeroboamu indodana ka Nebati?) wa tata uJezebeli indodakazi ka Etebali inkosi yamaZidonia, a be umfazi wake, wa ya wa dumisa uBali, wa m konza.
32Wa m misela uBali ilati endhlini ka Bali, a be yakile eSamaria.
33uAhabi wenza umfanekiso ka Ashera; njaloke uAhabi wa vama imisebenzi yokuvusa ulaka luka Jehova uTixo wabaIsraeli ku nawo wonke amakosi abaIsraeli a be ngapambili kwake.
34Ngesikati sake uHieli wa seBeteli waka iJeriko; wa beka isisekelo endodaneni yake uAbiramu o ngowamazibulo ake, wa misa amasango endodaneni yake yamagcino uSegubi, njengalo izwi lika Jehova, a li tyoyo ngoJoshua indodana ka Nuni.