1UPETRO, umpostoli ka Jesu Kristu, kwaba semazweni abasabaleleyo ePonto, na seGalatia na seKapadokia, na seAsia, na seBitunia,
2Abaketiweyo ngokwazi okupakade kuka Tixo uYise, ngokuhlanza kuka Moya, ba ze ba lalele, ba fafazwe ngegazi lika Jesu Kristu; a ku vame kinina umusa nokutula.
3A ka bongwe uTixo uYise weNkosi yetu uJesu Kristu, owa buya wa si zala ngomusa wake omkulu si be netemba elipilileyo, ngokuvuka kuka Jesu Kristu kwabafileyo;
4Si be nefa eli nga fiyo, eli nge nacala, eli nge nakupela, ni li gcinelwe ezulwini,
5Nina eni ya kulondolozwa ngamandhla ka Tixo, ngako ukukolwa, ku ze ku be kona ukusindiswa oku lungiselwe ukubonakaliswa ngesikati sokupela;
6Eni tokoza ngaso, kepa manje ngesikatyana, uma ku dingeka, ni dabukile ngokulingwa okuningi;
7Ukuze ukukol kwenu okulingiweyo, okuhle kakulu ku negolide eligugayo, noma li lingwe ngomlilo, ku funyanwe ku nokutuswa nodumo, nobukosi, ekubonakaleni kuka Jesu Kristu;
8Eni m tandayo, ni nga m bonanga; noma ni nga m boni manje, kepa ngokukolwa uye ni ya jabula ngokujabula okungakulumekiyo, okubabazekayo;
9Ni zuza ukugcina kokukolwa kwenu, ukusindiswa kwemipefumlo yenu.
10Nga lokukusindiswa ba buzisisa, ba hlolisisa abaprofeti aba profeta ngomusa o bu miselwe nina;
11Ba hlola isikati, ukuba isipi, nokuba si njani, a kuluma ngaso uMoya ka Kristu owa e kubona, e kwazisa ukuhlupeka o be ku za kumehlela uKristu, nobukosi o be bu za ku vela ngasemva kwako;
12Kwa bonakaliswa kubo ukuti, ba be nga zikonzi bona, ba be si konza tina nga loku, eni ku tyelwayo manje ibona, aba ni shumayeza ivangeli ngaye uMoya o ingcwele e tunyiwe ezulwini; loku izingelosi ezi fisayo ukukwazisisa.
13Ngako zi bopeni izinkalo zenkumbulo yenu, ni qonde, netembe nokwetemba umusa eni ya kupiwa wona ekubonakaleni kuka Jesu Kristu;
14Ni be njengabantwana abalalelayo, ni nga hambi ngezinkanuko zokuqala ekungazini kwenu;
15Kodwa njengaye o ni bizileyo e ingcwele, ku njalo a ni be ngcwele, nani ngokuhamba kwenu konke;
16Ngokuba ku lotyiwe ukuti, a ni be ngcwele, loku ngi ingcwele.
17Uma ni m biza ngokuti, Baba, yena owahlulela abantu bonke ngemisebenzi yabo, e nga keti umuntu, hlalani isikati sokuhamba kwenu ngokwesaba.
18Nazi ukuti a ni hlengwanga ekuhambeni kwenu oku ize; okwa vela koyihlo ngokuzalwa, ngezinto ezigugayo, isiliva negolide;
19Na hlengwa ngegazi elihle lika Kristu, kungati eleundhlu lemvu eli nge nacala eli nge nabala,
20O waziwa pakade, u nga ka sekelwa umhlaba, kepa wa bonakaliswa nga lezizikati zokugcina ngenxa yenu,
21Eni kolwa ngaye kuTixo owa m vusa kwabafileyo, wa m nika ubukosi, ni ze ni kolwe uTixo, ni m etembe.
22Loku ni hlanzile imipefumlo yenu ngokulalela iqiniso, ngaye uMoya, ni ze ni tande abazalwane ngokungazenzisi, qinisani ni tandane ngenhliziyo emhlope;
23Ni zelwe ngokutya, a ngi tyo ngembeu egugayo; ni zelwe ngengagugiyo, ngezwi lika Tixo, elipilileyo, elimiyo.
24Ngokuba inyama yonke i njengotyani, ubukosi bayo bu njengembali yotyani. Utyani bu ya buna, imbali yabo i ya vutuluka;
25Kodwa izwi leNkosi li ya kuma ku ze ku be pakade; leli li izwi eli shunyayelwe kinina.