1KWA ti, uSauli e se buyile ekulandeleni amaFilisti, kwa bikwa kuye kwa tiwa, Bheka, uDavida u sehlane la seEngedi.
2uSauli wa tata abantu a ba izinkulungwane ezintatu aba ketiweyo kubo bonke abaIsraeli, wa ya kufuna uDavida nabantu bake emadwaleni ezinyamazane.
3Wa fika ezibayeni zezimvu endhleleni; kwa ku kona umhume; uSauli wa ngena ukuba a mbese izinyawo zake; uDavida nabantu bake ba be hlezi emacaleni omhume.
4Abantu baka Davida ba ti kuye, Nantu usuku uJehova a tyo kuwe ngalo, wa ti, Bheka, ngi ya kunikela esandhleni sako isita sako, ukuba wenze kuso okuhle ngokubona kwako. uDavida wesuka wa sika ngasese umpeto wengubo ka Sauli.
5Kwa ti ngasemva kwaloko uDavida wa tyaywa uvalo, ngoba wa e sikile umpeto wengubo ka Sauli.
6wa ti kubantu bake, Ma ku nga bi njalo Nkosi, ngi kwenza loku enkosini yami, ogcotyiweyo ka Jehova, ngelule isandhla sami kuye, loku u ngogcotyiweyo ka Jehova.
7Kwa njalo uDavida wa ba sola abantu bake ngalawamazwi, ka ba vumelanga ukuba ba m vukele uSauli. uSauli wesuka emhumeni wa hamba.
8NoDavida wesuka ngasemva, wa puma emhumeni, wa memeza uSauli, e ti, Nkosi yami, Nkosi. uSauli e se bhekile emva, uDavida wa ti mbo ngobuso bake emhlabatini, wa kotama.
9uDavida wa ti kuSauli, U wa lalelelani amazwi abantu a ba ti, bheka; uDavida u funa ukulinyazwa kwako?
10Bheka, namhla amehlo ako a bonile ukunikelwa kwako namhla Nkosi esandhleni sami emhumeni; abanye ba ti ma ngi ku bulale, kepa iso lami la ku haukela; nga ti a ngi yi kuselula isandhla sami enkosini yami, ngokuba yena u ngogcotyiweyo ka Jehova.
11Futi, Baba, bheka, yebo, umpeto wengubo yako esandhleni sami, ngokuba ngi nqume umpeto wengubo yako a nga ku bulala, yazi wena u bone ukuba akuko 'sono nobubi esandhleni sami, a ngi konanga ngaluto, noko u zingela umpefumlo wami ukuba u wu tate.
12uJehova ma ka hlulele pakati kwako nami; uJehova ma ka ngi pindisele kuwe, kodwa isandhla sami a si yi ku ba pezu kwako.
13Njengesiga sabadala e si ti ububi bu vela kwababi; kepake isandhla sami a si yi kuba pezu kwako.
14Inkosi ya kwa Israeli i pumela 'bani na? I landela 'bani na? I landela inja efileyo na? noma intwakumba na?
15uJehova ma ka hlulele, a bele pakati kwako nami, a ngi mele mina a ngi kulule esandhleni sako.
16Kwa ti uDavida e se gcinile ukukuluma lawa mazwi kuSauli. uSauli wa ti, izwi lako leli ndodana yami Davida na? uSauli wa pakamisa izwi lake, wa kala.
17Wa ti kuDavida, wena u lungile ku nami, ngokuba wena u ngi pindisele ngokuhle, kepa mina ngi ku pindisele ngokubi.
18U bonakalisile namhla ukuba u ngi pate kahle mina; ngokuba lapo Inkosi i ngi nikele esandhleni sako, a u ngi bulalanga.
19Uma umuntu e fumene isita sake, u ya kusidedela na? Ngakoke uJehova ma ku vuze kahle ngokwenzileyo kimina namhla.
20Na manje bheka, ngi yazi kahle, ukuba wo ba inkosi impela, nombuso wakwa Israeli u ya ku qiniswa esandhleni sako.
21Fungake kimina manje ngoJehova ukuba a wu yi ku nquma inzalo yami emva kwami, nokuba a wu ku li cita igama lami endhlini ka baba.
22uDavida wa funga kuSauli. uSauli wa goduka, kepa uDavida nabantu bake ba ya enqabeni.