1KWA ti, uSamueli e semdala, wa beka amadodana ake, a be abahluli baba Israeli.
2Igama lendodana yake yamazibulo la li nguJoeli; igama leyesibili la li nguAbija; ba be abahluli eBeresheba.
3Kepa amadodana ake ka hambanga ngendhlela yake; a pambuka ukuba a pange, a tenge, a pambukisa umteto.
4Amalunga onke a kwaIsraeli a butana eza kuSamueli eRama.
5A ti kuye, Bheka, u su mdala; amadodana ako a hambi ngendhlela yako; si misele inkosi, i sahlule njengezizwe zonke.
6Kepa loku kwa ku kubi emehlweni kaSamueli, lapo be ti, Si nike inkosi i sahlule. uSamueli wa kuleka kuJehova.
7uJehova wa ti kuSamueli, Lalela izwi labantu ngako konke aba ku tyoyo kuwe, a si wena aba m delayo, kodwa ba dele mina, ukuba ngi nga bi inkosi yabo.
8Njengemisebenzi yonke aba yenzileyo iloku nga ba kupula Egipite ku ze ku be namhla, be ngi shiya, be konza abanye otixo, benza njalo na kuwe.
9Manjeke lalela izwi labo; kepa ba yale impela, u ba tyele ukuma kwenkosi e ya kubusa pezu kwabo.
10uSamueli wa ba tyela abantu aba cela inkosi kuye amazwi onke kaJehova.
11Wa ti, Loku ku ya kuba ukuma kwenkosi e ya kubusa pezu kwenu; i ya kutabata amadodana enu, i zibekele wona enqoleni yayo na semahashini ayo, a ya kugijima pambi kwenqola yayo.
12I ya kuzibekela wo a be izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamashumi amahlanu, amanye i ya kuwabeka ukuba a lime umhlabati wayo, a vune ukudhla kwayo, enze izikali zokulwa, nempahla yezinqola zayo.
13I ya kutabata izintombi zenu, zi be izisebenzi zamaka, nabapeki, nabapeki besinkwa.
14I ya kutabata namasimu enu nezivine zenu, nezihlwati zenu, ezinhle, i zi nike izinceku zayo.
15I ya kutabata okweshumi kwembeu yenu, nokwesivine senu, i ku nike izinduna zayo, nezinceku zayo.
16I ya kutabata izigqili zenu zesilisa nezesifazana, nezinkabi zenu ezinhle, nezimbongolo zenu, zi sebenze imisebenzi yayo.
17I kutabate okweshumi kwezimvu zenu, ni ya kuba izigqili zayo.
18Ni ya kukala ngalolosuku ngenkosi yenu ena be ni ziketele yona, kepa uJehova ka yi kunizwa ngalolosuku.
19Abantu bala ukulalela izwi lika Samueli Ba ti, Qa, inkosi i ya kuba pezu kwetu,
20Si ya kuba njengezizwe zonke, inkosi yetu i ya kusahlula, i pume pambi kwetu, i lwe ekulweni kwetu.
21uSamueli wezwa amazwi onke abantu, wa wa kuluma ezindhlebeni zika Jehova.
22uJehova wa ti kuSamueli, Lalela izwi labo, u ba nike inkosi, uSamueli wa ti kubantu ba kwaIsraeli, Hambani, ni ye emzini yenu.