1UPAULE, umpostoli ka Jesu Kristu, ngomyalo ka Tixo umSindisi wetu, noKristu Jesu, o itemba letu.
2KuTimote, umntanami ngokukolwa; a ku be kuye umusa, nesihau, nokutula, oku vela kuTixo uBaba wetu, na kuKristu Jesu iNkosi yetu.
3Yenza njengokuba nga ku ncenga, u hlale Efesu, ngi sa ya eMakedonia, ukuze u ba yale abatile ba nga fundisi okunye.
4Ba nga laleli izinganekwane, nezincwadi zokuzalwa ezi nge nakupela, ezi banga inkani ku nokokwakiwa uTixo oku ngokukolwa.
5Kepa ukugcina komyalo ku ukutanda oku vela enhliziyweni emhlope, na sekwazini okulungileyo, na sekukolweni oku nge nakuzenzisa;
6Abanye beduka kuloku, ba cezukele ekukulumeni oku ize;
7Be funa ukuba ba be abafundisi bomteto, be nga kwazi aba ku tyoyo, naba ku qinisayo.
8Kepa si yazi umteto u lungile, uma umuntu e hamba ngomteto;
9E kwazi loku, ukuti, umteto a u miselwe olungileyo, u miselwa aba nge namteto, nabangalaleliyo, nabangakonziyo, nabonayo, nabangahlanzekiyo, nabahlekisayo, nababulala oyise, nababulala onina, nababulala abantu,
10Nezifebe, nabesilisa aba hlobonga abesilisa, nabatengisa ngabantu, naba namanga, nabaqinisa manga, noma ku kona okunye oku pambene nokufundisa okulungileyo;
11Njengokwevangeli lobukosi lika Tixo o bongekayo, engi tenjiswe lona.
12Ngi ya m bonga uKristu Jesu iNkosi yetu, o ngenzele amandhla, ngokuba wa e ti ngi kolekile, wa ngi beka enkonzweni;
13Mina e kade ngi ngotukayo, nozingelayo, nohlupayo; kepa nga haukelwa, ngokuba nga ngi kwenza ngokungazi, ngi nga kolwa;
14Umusa weNkosi yetu wa vama kakulu, kanye nokukolwa nokutanda oku kuKristu Jesu.
15Li iqiniso lelizwi, li fanele ukubongwa nokubongwa, lokuti, uKristu Jesu weza emhlabeni ukusindisa izoni, engi isikulu kuzo.
16Kepa nga haukelwa nga loku, ukuba uJesu Kristu a bonise ngami, engi isoni esikulu, ukubekezela konke, ngi be isiboniso kwaba za kukolwa uye, ba ze ba be nokupila okupakade.
17Kuyo iNkosi emiyo pakade, engabubiyo, engabonwayo, uTixo yedwa, a ku be udumiso nobukosi, ku ze ku be pakade. Ameni.
18Lomyalo ngi ya nika wena, Mntanami Timote, njengokuprofetiweyo pambili ngawe ukuba u lwe ukulwa okulungileyo ngako
19U be nokukolwa, nenhliziyo emhlope, aba i lahlile abanye, ba felwa ukukolwa;
20Aba kubona oHumenio noAlesando, engi ba nike kuSatani, ba fundiswe ukuba ba nga tuki.