1KWA ti lapo uRehoboamu e wu misile umbuso, e se zi qinisile naye, wa wu dela umteto ka Jehova, nabaIsraeli bonke kanye naye.
2Kwa ti, ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehoboamu, uShishaki inkosi ya sEgipite wa vukela iJerusalema, ngokuba be wa pulile umteto ka Jehova,
3Wa fika nezincwele ezi ngamakulu a ishumi nambili, nabamahashi be izinkulungwane ezi ngamashumi a isitupa; nabantu ba be nge balwe aba puma naye Egipite, amaLubimi, namaSukimi, naba seEtiopia.
4Wa i tata imizi ebiyiweyo yakwa Juda, wa fika eJerusalema.
5Wa fika uShemaia umprofeti kuRehoboamu, nakuwo amakosi akwa Juda, a ba be butene eJerusalema ngenxa ka Shishaki, wa ti kubona, U ti uJehova, ni ngi delile mina, ngakoke ngi ni shiyile esandhleni sika Shishaki.
6Ngakoke amakosi akwa Israeli nenkosi ba zi tobisa; ba ti, uJehova u lungile.
7Na lapo uJehova e bona ukuba ba ya zitobisa, izwi lika Jehova la fika kuShemaia, li ti, Ba zitobisile bona; ngako a ngi yi ku ba qeda, kodwa ngi ya kubasiza; nolaka lwami a lu yi ku teleka pezu kweJerusalema ngesandhla sika Shishaki.
8Noko ba ya kuba izinceku zake ukuze ba wazi owami umsebenzi, nomsebenzi wemibuso yezizwe.
9Njaloke uShishaki inkosi ya seEgipite ya li fikela iJerusalema, wa mukisa amagugu endhlu ka Jehova, namagugu endhlu yenkosi; wa tata konke; wa mukisa futi izihlangu zegolide e za zenziwe uSolomona.
10Endaweni lapo inkosi uRehoboamu wa zenza kona izihlangu zetusi, wa zi nikela esandhleni senduna yabalindi, e ya i linda umyango wendhlu yenkosi.
11Lapo inkosi ya ngena endhlini ka Jehova, umlindi weza wa zi tata, wa zi buyisela futi ekamelweni lomlindi.
12Na lapo e zitobisa, ulaka luka Jehova lwa buya, ukuba lu nga m qedi nempela; naseJuda kwa hlaliwa kahle.
13uRehoboamu inkosi wa zi qinisake eJerusalema, wa busa; ngokuba uRehoboamu wa e neminyaka e ngamashumi amane nanye ekuqaleni kwake ukubusa, wa busa eJerusalema iminyaka e ishumi nesikombisa, umuzi o ketwe nguJehova kuzo zonke izizwe zakwa Israeli, ukubeka kona igama lake. Igama lika nina la li uNama wamaAmmoni.
14Wenza okubi, ngokuba a ka i lungisanga inhliziyo yake ukufuna uJehova.
15Manjeke izenzo zika Rehoboamu, ezakuqala, nezokugcina, a zi lotyiwe encwadini ka Shemaia umprofeti, ne ka Iddo? uRehoboamu noJeroboamu ba be lwa njalo;
16uRehoboamu wa lala nokoko bake, wambelwa emzini ka Davida; uAbija indodana yake wa busa endaweni yake.