1UJEHOSHAFATI indodana yake ya busa endaweni yake, wa ziqinisela ngamandhla kuIsraeli.
2Wa misa amabuto ake kuyo yonke imizi ebiyiweyo yakwaJuda, wa beka nezinqaba kuyo, nasemizini ya seEfraimi, e ya tatwa nguAsa uyise.
3uJehova wa e naye uJehoshafati, ngokuba wa hamba ngezindhlela za kuqala zika Davida uyise, e nga m funi uBali;
4Kodwa e funa uJehova uTixo ka yise, wa hamba ngezimemezelo zake, e nga landeli izenzo za kwa Israeli.
5Ngako uJehova wa u qinisa umbuso esandhleni sake; nabo bonke aba kwa Juda ba leta izipo kuJehoshafati; wa ba nemfuyo nodumo oluningi.
6Inhliziyo yake ya pakanyiswa ngezindhlela zika Jehova; wa susa futi izindawo ezi pakamileyo namahlati eJuda.
7Ngomnyaka wobutatu wokubusa kwake, wa tumela ezinduneni zake, kuBen-haile, na kuObadia, na kuZecharia, nakuNetaneli, nakuMikaia, ukufundisa emizini yakwa Juda.
8Wa tuma nabo abaLevi, uShemaia, noNethania, noZebadia, noAsaheli, noShemiramote, noJehonatani, noAdonija; kanye nabo, uElishama, noJehoramu, abapristi.
9Ba fundisa eJuda, be pete incwadi yomteto ka Jehova, ba hamba kuyo yonke imizi yakwa Juda, ba fundisa abantu.
10Nokwesaba uJehova kwa ba pezu kwayo yonke imibuso yezizwe zakwa Juda, a ba lwanga noJehoshafati.
11Abanye abaFilisti ba leta izipo kuJehoshafati, isiliva lokutelisa; naba seArabia ba m letela imihlambi yezimvu, izinqama ezi izinkulungwane ezi isikombisa namakulu a isikombisa, nezimpongo ezi izinkulungwane ezi isikombisa namakulu a isikombisa.
12uJehoshafati wa kula ngamandhla; waka izinqaba eJuda, nemizi yempahla.
13Kwa kula imisebenzi yake emizini yakwa Juda; namadoda okulwa, amaqawe, a e seJerusalema.
14Ile imibalo yabo, ku tatelwa endhlini ya oyise; kwa Juda, izinduna zezinkulungwane, uAdna induna enkulu, ku kona naye amaqawe a izinkulungwane ezi ngamakulu amatatu.
15Wa landelwa uJehohanani induna, ku kona kanye naye izinkulungwane ezi ngamakulu amabili namashumi a isishiyagalombili.
16Yena wa landelwa uAmasia indodana kaZikri, o wa zi nika ngokutanda kuJehova; ku kona kanye naye amaqawe a izinkulungwane ezi ngamakulu amabili.
17Na kuBenjamini; uEliada iqawe nempela, ku kona kanye naye aba hlome ngemicibityolo nezihlangu, izinkulungwane ezi ngamakulu amabili.
18Wa landelwa uJehozabade ku kona kuyena a se be lungele impi aba izinkulungwane ezi ikulu namashumi a isishiyagalombili.
19Laba ba hlala nga senkosini, ngapandhle kwabo labo aba bekwa inkosi emizini ebiyiweyo kulo lonke iJuda.