1ABASEJERUSALEMA ba misa uAhazia indodana yake encane a be inkosi endaweni yake; ngokuba isikwata samadoda e sa fika ekamu kanye naba seArabia ba be bulele bonke abadala abafo. Ngakoke uAhazia indodana ka Jehoramu wa busa.
2uAhazia wa e neminyaka e ngamashumi amane nambili ekuqaleni kokubusa kwake, wa busa umnyaka munye eJerusalema. Igama lika nina la li nguAtalia indodakazi ka Omri.
3Naye wa hamba ngezindhlela zendhlu ka Ahabi; ngokuba wa tyelwa unina ukwenza okubi.
4Ngako wenza okubi emehlweni ka Jehova njengendhlu ka Ahabi; ngokuba ba be ngabayalezi bake emva kokufa kuka yise wa ze wa bujiswa yena.
5Naye wa hamba ngokuyaleza kwabo, wa hamba noJehoramu indodana ka Ahabi inkosi yabaIsraeli ukulwa noHazaeli inkosi ya seSiria eRamote-giladi; naba seSiria ba m tyaya uJoramu.
6Wa buyela eJezreli ukwelatywa izingozi a zi nikwa eRama, lapo wa e lwa noHazaeli inkosi ya seSiria. NoAzaria indodana ka Jehoramu inkosi yabaJuda wehlela uku m bona uJehoramu indodana ka Ahabi eJezreli, ngokuba e gula.
7uTixo wa m bulala uAhazia ngenxa yokufika kwake kuJoramu; ngokuba ekufikeni kwake, wa pumela uJehu indodana ka Nimshi kanye noJehoramu, a e m gcobile uJehova uku nquma indhlu ka Ahabi.
8Kwa ti lapo uJehu wa ahlulela pezu kwendhlu ka Ahabi, wa tola izikulu zakwa Juda, namadodana abafo baka Ahazia, a e m konza uAhazia, wa ba bulala.
9Wa m funa uAhazia; ba m bamba, (ngokuba wa e zitukusile eSamaria,) ba m leta kuJehu; nalapo se be m bulele, ba m mbela; Ngokuba ba ti, u indodana ka Jehoshafati, o wa funa uJehova ngenhliziyo yonke yake. Ngako indhlu ka Ahazia ya i nge namandhla uku wu gcina umbuso.
10Kodwa lapo uAtalia unina ka Ahazia wa bona ukuba i file indodana yake, wa vuka wa bulala yonke inzalo yobukosi yendhlu ka Juda.
11Kodwa uJehoshabate, indodakazi yenkosi, ya m tata uJoashi, indodana ka Ahazia, ya meba kuwo amadodana enkosi a e bulawa, ya m beka kanye nomzanyana wake endhlini yokulala. Ngako uJehoshabate, indodakazi yenkosi uJehoramu, umka Jehoida, ngokuba wa e ngudade wabo ka Ahazia, wa m tukusela uAtalia, naye a ka m bulalanga.
12Wa ba kanye nabo e tukusiwe endhlini ka Tixo iminyaka e isitupa; noAtalia wa li busa izwe.