1NGOMNYAKA wesikombisa uJehoida wa ziqinisa, wa tata izinduna zamakulu zi be inhlangano naye, noAzaria indodana ka Jehoramu noIshmaeli indodana ka Jehohanani, noAzaria indodana ka Obedi, noMaseia indodana ka Adaia, noElishafati indodana ka Zikri.
2Ba hambela eJuda, ba buta amaLevi kuyo yonke imizi yakwa Juda, nezinduna za oyise baka Israeli, ba fika eJerusalema.
3Naso sonke isixuku senza isivumelwano nenkosi endhlini ka Tixo. Naye wa ti kubona, Bheka, indodana yenkosi i ya kubusa, njengokutyo kuka Jehova kumadodana ka Davida,
4I lento e ni ya kuyenza; inxenye yenu yesitatu kubapristi namaLevi, ekungeneni ngesabata, ni ya kuba abalindi beminyango;
5Nenxenye yesitatu i ya kuba endhlini yenkosi; nenxenye yesitatu emnyango wesisekelo; nabantu bonke ba be sekungeneni kwendhlu ka Jehova.
6Kodwa ku ngene abapristi bodwa endhlini ka Jehova, nabo aba sizayo bamaLevi; ba ya kungena bona, ngokuba ba ingcwele; kodwa bonke abantu ba be abalindi baka Jehova.
7AmaLevi a ya kuhaqa inkosi, i lowo e pete izikali zake; noma ku ngena omunye endhlini, a bulawe; kodwa nina ma ni be nayo inkosi ekungeneni, nasekupumeni kwayo.
8Ngako amaLevi nabo bonke ba kwa Juda benza njengaso sonke isiyalezo sika Jehoida umpristi, ba tata njalo abantu babo a ba ya kungena nabo ngesabata, nabo a ba ya kupuma ngesabata; ngokuba uJehoida umpristi a ka dedikanga ku lezo zindhlela.
9Futi uJehoida umpristi wa nika izinduna zezikulu, imikonto, nezihlangu, e kwa ku nge zenkosi uDavida, e za zi sendhlini ka Tixo.
10Wa ba misa bonke abantu, i lowo e pete izikali zake, ngalapa na ngalapa kwetempeli, eduze kwelati letempeli, na seduze kwenkosi.
11Ba i kipake indodana yenkosi, ba i beka umqele, ba i nika umteto, ba yenza inkosi, uJehoida namadodana ake ba m gcoba, ba ti, uTixo ma ka i sindise inkosi.
12Lapo uAtalia wa u zwa umsindo wabantu be gijima be dumisa inkosi, wa fika kubantu endhlini ka Jehova;
13Wa buka, wa bona, inkosi i mi endaweni yayo ngasekungeneni, nezikulu, namatilongo eduze nenkosi; nabo bonke a bezwe be jabula, be beta amatilongo, nabagwabayo ngezingumbu zabo, abafundisiweyo ukugwaba udumiso, uAtalia wa dabula izingubo zake, wa ti, Inkohliso, Inkohliso.
14uJehoida umpristi wa kipa izinduna zamakulu, e za zi misiwe pezu kwesixuku, wa ti kubona, M kipeni uAtalia, naye o m landelayo ma ka bulawe ngenkemba. Ngokuba wa ti umpristi, Ni nga m bulali endhlini ka Jehova.
15Ba menzela indawo; lapo e se fikile ekungeneni komnyango wamahashi ngasendhlini yenkosi, ba m bulala kona.
16uJehoida wenza isivumelwano, kubantu bonke, na kuyo inkosi, ukuba ba be ngabantu baka Jehova.
17Abantu bonke ba ya endhlini ka Bali, ba yapula, bapula namalati nezitombe zake, ba bulala uMatani umpristi ka Bali ngapambi kwamalati.
18uJehoida wa keta izinduna zendhlu ka Jehova ngesandhla sabapristi amaLevi, aba be hlukanisiwe nguDavida endhlini ka Jehova, ukutyisa imihlabelo ka Jehova, njengokulotyiweyo emtetweni ka Mosi, ngokujabula na ngokugwaba, njengokumisa kuka Davida.
19Wa misa abalindi emnyango wendhlu ka Jehova, ukuze o ngcolileyo ngento a nga ngeni.
20Wa zi tata izinduna zamakulu, nezikulu, nababusi babantu, nabantu bonke bezwe, behlisa inkosi i sendhlini ka Jehova; ba puma ngomnyango omkulu ba ngena endhlini yenkosi, ba i beka inkosi esihlalweni sobukosi sombuso.
21Abantu bonke bezwe ba jabula; nomuzi wa tula, se be m bulele uAtalia ngenkemba.