1ABANTU bonke ba m tatake uUzia, o wa e neminyaka e ishumi nesitupa, ba menza inkosi endaweni ka Amazia uyise.
2Wa laka iEloti, wa li buyisela kwaba seJuda, emva kwaloku inkosi ya lala nokoko bayo.
3uUzia wa e neminyaka e ishumi nesitupa ekuqaleni kokubusa kwake, wa busa eJerusalema iminyaka e ngamashumi a isihlanu nambili. Igama lika nina la li nguJekolia wa seJerusalema.
4Wenza okulungileyo emehlweni ka Jehova, njengako konke okwenziwa uAmazia uyise.
5Wa m funa uTixo ezinsukwini zika Zekaria, o wa e nokwazi ezibonisweni zika Tixo; kwa ti lapo e m funayo uJehova, uTixo wa m busisa.
6Wa puma wa lwa naba seFilisti, wa pula udonga lakwa Gati, no lakwa Jabne, no lakwa Ashdodi, waka imizi ngaseAshdodi, na kumaFilisti.
7uTixo wa m siza kumaFilisti, na kwaba seArabia, a e hlezi eGurbali na kumaMehuni.
8AbakwaAmoni ba m nika uUzia izipo; negama lake landa la ze la fika ekungeneni kwa sEgipite; ngokuba wa ziqinisa ngamandhla.
9uUzia waka izinqaba eJerusalema nga semnyangweni wokugcina, na sesigodini, na sekubuyeni kodonga, wa zi vikela.
10Wenza izinqaba nasehlane, wemba nemigodi eminingi yamanzi; ngokuba wa e nezinkomo eziningi, ezweni eli pansi na sematafeni; nabalimi futi, nabalungisi bezivini ezintabeni, naseKarmeli ngokuba wa ku tanda ukulima.
11Futi uUzia wa e nesixuku sabalwayo, e sa puma ukulwa ngamabandhla, njengokubalwa kwabo ngesandhla sika Jehieli umlobi, noMaseia umbusi, ngapansi kwesandhla sika Hanania, enye induna yenkosi.
12Ubuningi bezikulu za oyise amaqawe, ba bu izinkulungwane ezimbili namakulu a isitupa.
13Ngapansi kwezandhla zabo kwa ku kona impi, izinkulungwane ezi ngamakulu amatatu, nezinkulungwane ezi isikombisa namakulu a isihlanu, a ba belwa ngamandhla, uku siza inkosi nga sesiteni.
14uUzia wa si lungisela sonke isixuku izihlangu nemikonto, nezivikelo, nemicibityelo namalengiso okuponsa amatye.
15Wenza nemishini eJerusalema, e ya qanjwa ngabahlakanipileyo, ukuba i be ngapezu kwezinqaba, ukuponsa imicibityelo, namatye amakulu, Negama lake landa kude; ngokuba wa sizwa ngokumangalisayo, wa ze wa ziqinisa.
16Kodwa lapo e se namandhla, inhliziyo yake ya vukela ukubujiswa kwake; ngokuba wona ngoJehova uTixo wake, wa ngena etempelini lika Jehova, ukutyisa impepo pezu kwelati lempepo.
17uAzaria umpristi wa ngena e m landela, ku kona kanye naye abapristi baka Jehova aba ngamashumi a isishiyagalombili, aba ngabantu aba lungileyo.
18Ba m kuza uUzia umpristi, ba ti kuye, A ku fanele ukuba wena, Uzia, u tyisele uJehova impepo, kodwa abapristi amadodana ka Aroni aba miselwe ukutyisa impepo; puma wena endhlini e ingcwele; ngokuba wonile; ku nga bi ngodumo lwako na kuJehova uTixo.
19uUzia wa tukutela e pete isitya esandhleni sake sokutyisa impepo; na lapo e sa ba tukutelela abapristi, kwa bonakala ubulepero ebunzini lake ngapambi kwabapristi endhlini ka Jehova, eduze kwelati lempepo.
20uAzaria umpristi omkulu, nabo bonke abapristi, ba m bheka, ba bona ubulepero ebunzini lake, ba m kipa lapo; naye wa tyetya ukuzipumela, ngokuba uJehova e m tyayile.
21uUzia inkosi wa ba nobulepero wa ze wa fa, wa hlala endhlini e yedwa, ngokuba e nobulepero; ngokuba wa hlukaniswa endhlini ka Jehova; uJotamu indodana yake wa ba pezu kwendhlu yenkosi, ahlelela abantu bezwe.
22Manje ezinye izenzo zika Uzia, ezakuqala nezokugcina, zi lotyiwe ngu Isaya umprofeti, indodana ka Amozi.
23uUzia wa lala nokoko bake ba m mbela kanye nokoko bake ensimini yamakosi yokumbela; ngokuba ba ti, u ilepero; noJotamu indodana yake wa busa endaweni yake.