1UAHAZI wa qala ukubusa e neminyaka e ngamashumi amabili, wa busa eJerusalema iminyaka e ishumi nesitupa; kodwa a kenzanga okulungileyo emehlweni ka Jehova, njengoDavida uyise.
2Ngokuba wa hamba ngezindhlela zamakosi akwa Israeli, wenzela uBali izitombe ezibaziweyo.
3Wa tyisa futi impepo esigodini sendodana ka Hinomi, wa tyisa abantwana bake emlilweni, njengezinengiso za bezizwe e za kitywa uJehova ngapambi kwabantwana baka Israeli,
4Wa nikela futi impepo e tyisiweyo ezindaweni ezi pakamileyo, nasezintabeni, na ngapansi kwemiti yonke eluhlaza.
5Ngako uJehova uTixo wake wa m nikela esandhleni senkosi ya seSyria; ba m tyaya, ba muka nabaningi babo be izibotywa, ba ba leta eDamaseku. Naye wa nikelwa futi esandhleni senkosi yakwa Israeli, naye wa m tyaya ngokubulala okukulu.
6Ngokuba uPeka indodana ka Remalia, wa bulala eJuda ngosuku lunye izinkulungwane ezi ikulu namashumi amabili, a e ngamaqawe odwa; ngokuba ba be m delile uJehova uTixo wa oyise.
7uZikri iqawe lakwa Efraimi, la m bulala uMaseia indodana yenkosi, noAzrikamu umbusi wendhlu, noElkana o ngemva kwenkosi.
8Nabakwa Israeli ba mukisa kubafo wabo izibotywa izinkulungwane ezi ngamakulu amabili, abesifazana, namadodana namadodakazi, ba muka nempango eningi kubona, ba i leta eSamaria.
9Kodwa umprofeti ka Jehova wa e kona lapo, ogama lake li nguOdedi wa si pumela isixuku e sa fika eSamaria, wa ti kubona, Bhekani, ngokuba uJehova uTixo wa oyihlo benu wa li tukutelela iJuda, wa li nikela esandhleni senu, nani ni ba bulele ngokutukutela oku fika na sezulwini.
10Manjeke ni funa uku ba hlalisa aba kwa Juda neJerusalema, ba be izigqili kinina; kodwa a ziko kinina uqobo izono nga kuJehova uTixo wenu na?
11Yizwani mina, ni zi buyise izibotywa, eni zi tatileyo kubafo wenu; ngokuba ulaka olukulu luka Jehova lu pezu kwenu.
12Kwa ti abanye abakulu bakwa Efraimi, uAzaria indodana ka Johanani, noBerekia indodana ka Meshilemoti, noJehizkia indodana ka Shaluma, noAmasa indodana ka Hadlai, bema nga kubona aba puma empini,
13Ba ti kubona, Ma ni nga zi ngenisi izibotywa lapa; ngokuba noko sonile kuJehova, ni funa ukwelekela izono zetu; ngokuba zona zikulu, ku kona nolaka olukulu nga kubo abaIsraeli.
14Ngako abahlomileyo ba zi shiya izibotywa, nempango, ngapambi kwezikulu nesixuku sonke.
15Nabatyiwo ngamagama ba vuka, ba zi tata izibotywa, na ngempango ba gqokisa bonke a ba nge naluto, ba ba gqokisa, ba ba faka nezicatulo, ba ba nika nokudhla, namanzi, ba ba gcoba, ba twala naba butakataka pezu kwezimbongolo, ba ba leta eJeriko, umuzi wemiti yomtemari, kubafo wabo; ba buyelake eSamaria.
16Ngalesosikati inkosi uAhazi wa tumela emakosini a seAsiria ukuba a m size.
17Ngokuba abakwaEdomi ba li tyaya futi iJuda, ba muka nezibotywa.
18NamaFilisti futi a ngena emizini yezwe eli pansi, ngenzansi kweJuda, a li tata iBeti-shemeshi, neAjaloni, neGederote, neShoko nemizana yakona, neTimna nemizana ya kona, neGimzo nemizana ya kona; ba hlala kona.
19Ngokuba uJehova wa li wisa iJuda ngenxa ka Ahazi inkosi yakwa Israeli; o wa lenza iJuda li beze, wona kakulu kuJehova.
20uTilgate-pilnesa inkosi ya seAsiria weza kuyena, wa m hlupa, a ka m siza.
21Ngokuba uAhazi wa tata okunye endhlini ka Jehova, na sendhlini yenkosi, na kuzo izikulu, wa ku nika inkosi ya seAsiria; kodwa a i m sizanga.
22Ngesikati sokuhlupeka kwake, wona futi kuJehova; yena uAhazi inkosi.
23Ngokuba wa hlabela amakosi a seDamaseku, a e m tyaya, wa ti yena, Ngokuba izitixo zamakosi a seSiria zi ya ba siza, ngako ngo hlabela zona, ukuze a ngi size mina. Kodwa a m bulala yena nabo bonke abaIsraeli.
24uAhazi wa buta izitya zendhlu ka Tixo, wa zi fibliza izitya zendhlu ka Tixo, wa i vala iminyango yendhlu ka Jehova, wa zenzela amalati ezingosini zonke za seJerusalema.
25Na kuyo yonke imizi ya seJuda wenza izindawo ezi pakamileyo uku tyisela izitixo ezinye impepo, e vusa ulaka luka Jehova uTixo wa oyise bake.
26Manjeke ezinye izenzo zake, nezindhlela zonke zake, ezakuqala nezokugcina, bheka, zi lotyiwe encwadini yamakosi a seJuda na seIsraeli.
27uAhazi wa lala nokoko bake ba m gqiba emzini, eJerusalema; kodwa ka ba m letanga ematuneni amakosi a seIsraeli; noHezekia indodana yake ya busa endaweni yake.