1SENGATI ni nga bekezela incozana ebuuleni bami; yebo, bekezeleni kimi.
2Ngokuba ngi ya ni tanda ngokutanda okukulu; ngi nendisile endodeni inye ukuze ngi ni yise kuKristu ni intombi epeleleyo.
3Kepa ngi novalo, funa mhlaumbe, njengenyoka ya m kohlisa uEva ngobuqili bayo izinhliziyo zenu zoniwe zi pambuke ebuqotweni obu kuKristu.
4Uma lowo ozayo e shumayela omunye uJesu, esi nga m shumayelanga; noma ni piwa omunye uMoya, eni nga u piwanga; noma elinye ivangeli, eni nga li zwanga, nga be ni vuma.
5Ngi ti mina a ngi mncane ngaluto ku nabapostoli abakulu.
6Kepa noma ngi ibimbi nje ngokushumayela, a ngi silo ngokwazi; kepa ezintweni zonke na sezindaweni zonke si bonwe inina.
7Ngonile ini ngokuzitobisa mina ukuba ni pakanyiswe nina, loku ngi ni shumayeze ivangeli lika Tixo ngesihle na?
8Nga panga amanye amabandhla, ngabelwa iwo, ukuba ngi konze nina.
9Na lapo be ngi kona kinina, ngi swele, a ngi banga umtwalo kumuntu; ngokuba loko, e be ngi ku swele, kwa piwa abazalwane aba be vela eMakedonia; na sezintweni zonke ngi zilondile ngi nga bi umtwalo kini, ngo zilonda njalo.
10Iqiniso lika Kristu li kimi, loku ukubonga a ku so ze ku nqanyulwe kimi emazweni a seAkaya.
11Ngani na? ngokuba ngi nga ni tandi na? uTixo u yazi.
12Kepa loku engi kwenzayo ngi ya kukwenza, ukuba ngi vimbe ituba kwaba funa ituba, ukuba ba funyanwe be njengati, nga loko aba bonga ngako.
13Aba nje ba ngabapostoli bamanga, izisebenzi ezikohlisayo, be zipendula abapostoli baka Kristu.
14Kepa a ku nakumangalelwa, ngokuba uSatani uqobo u zipendula ingelosi yokukanya.
15Njalo a siyo into enkulu, noma izikonzi zake zi zipendula zi be njengezikonzi zokulunga, okokupela kwazo ko ba njengemisebenzi yazo.
16Ngi ti futi, Ma ku nga tyo muntu ukuti, ngi isiula; kepa, uma ku nge njalo, ngi vumeleni ngokungati ngi isiula, ukuba ngi zibonge incozana.
17Loku engi ku kulumayo, a ngi ku kulumi ngokweNkosi, kodwa ku nga ti ngokobuula, ngi naso lesisibindi sokuzibonga.
18Loku abaningi be bonga ngokwenyama, ngi ya kuzibonga nami.
19Ni ya bekezela kahle kwabaiziula, loku ni hlakanipile.
20Ni ya bekezela uma umuntu e nenza izigqili, uma e ni dhla, uma e namuka, uma e zikukumeza, uma e ni pubuza.
21Ngi tyo ngokweisa, njengokungati si butakataka. Kepa lapo abanye be nesibindi sokubonga, (ngi kulumisa okwesiula,) ngi naso nami.
22Ba ngabaHeberu na? nami. Ba ngabaIsraeli na? nami. Ba inzalo ka Abrahama na? nami.
23Ba izikonzi zika Kristu na? (ngi kulumisa okwesiula,) mina kakulu; ngemisebenzi eminingi; nemivimbo e nge nakubalwa; nga ngi setilongweni kaningi; nga ngi sekufeni futifuti.
24Nga tyaywa abaJuda kahlanu imivimbo emashumi amane, ku yekwa munye;
25Katatu nga tyaywa ngezinduku; kanye nga kandwa ngamatye; katatu nga felwa umkumbi; ubusuku bunye nemini nga ngi selwandhle;
26Nga ngi sekuhambeni kaningi; nga ngi sezingozini zemifula, na sezingozini zabapangi, na sezingozini zaba kiti, na sezingozini zabezizwe, na sezingozini zemizi, na sezingozini zehlane, na sezingozini zolwandhle, na sezingozini zabazalwane bamanga;
27Nga ngi sekukataleni na sekudinweni, na sekulindeni kaningi; na sekulambeni na sekomeni, na sekuzileni ukudhla kaningi, na semakazeni na sebuhlumbulwini.
28Ngapandhle kwezinye izinto, ku kona loku oku ngi sindayo imihla ngemihla, ukugcina amabandhla onke.
29Ubani o butakataka, ngi nge butakataka nami na? ubani o kubekiswayo, ngi nga tyi nami na.
30Uma nga ngi zibonga, ngi ya kubonga ngokobutakataka bami.
31uTixo uyise weNkosi yetu uJesu Kristu, o bongeka njalonjalo, u yazi a ngi qambi amanga.
32eDamaseku induna ka Aretasi inkosi ya linda umuzi wamaDamaseku e funa ukungibamba:
33Kepa ngesikala sesibuko ngehliswa ngeqoma odongeni, nga punyuka ezandhleni zake.