1NGOMNYAKA wesikombisa ka Jehu uJehoashi wa ba inkosi; wa busa eJerusalema iminyaka e ngamashumi amane, igama lika nina la li nguZibia wa seBeresheba.
2uJehoashi wenza okufaneleyo emehlweni ka Jehova izinsuku zonke zake, njengako owa ku fundiswa nguJehoida umpristi.
3Kodwa izindawo ezipakamileyo be zi nga suswanga; abantu ba be hlaba iminikelo, ba tyisa nempepo ezindaweni ezipakamileyo.
4uJehoashi wa ti kubapristi, ma ba yamkele imali yonke eyingcwele, e letwayo endhlini ka Jehova, imali edhlulayo, ku be ngulowo a yamkele imali yabantu, njengokulinganisa kwake, nayo yonke imali e ku ngena enhliziyweni yomuntu ukuyileta endhlini ka Jehova.
5Abapristi ma ba yamkele, ku ngulowo a yamkele kuye o wazana naye, ma ba lungise izikala zendhlu ezindaweni zonke,
6Kodwa ngomnyaka wamashumi amabili nantatu wenkosi uJehoashi, abapristi ba be nga ka zi lungisi izikala zendhlu.
7Kona inkosi uJehoashi wa biza uJehoida umpristi, nabapristi abanye, wa ti kubo, Kungani na ukuba ni nga lungisi izikala zendhlu? ngakoke musani ukwamkela imali kwabazana nani, kodwa ni yi nikele izikala zendhlu.
8Abapristi ba vuma ukuba ba nga yamkeli imali kubantu, nokuba ba nga zi lungisi izikala zendhlu.
9Kodwa uJehoida umpristi wa tata umpongolo, wa bobosa imbobo esisibekelweni sawo, wa u beka nga kwesokunene selati ekungeneni kwabantu endhlini ka Jehova, abapristi abalinda umnyango, ba ngenisa kona imali yonke eya telwa endhlini ka Jehova.
10Kwa ti, se be bonile ukuba i kona imali eningi empongolweni, umbali wenkosi, nompristi omkulu ba kupuka ba yi bopa, ba yi bala imali eya funyaniswa endhlini ka Jehova.
11Ba i nika imali se i baliwe esandhleni sabo abasebenzayo imisebenzi abamiselwe indhlu ka Jehova, ba kokela ngayo ababazi, nabaki, aba sebenzayo endhlini ka Jehova.
12Nabaki ngamatye, nababazi ngamatye, nokutenga imiti namatye abaziweyo, ukulungisa izikala zendhlu ka Jehova, nako konke okumiselweyo indhlu ukuyilungisa.
13Kodwa ka kwenzelwanga indhlu ka Jehova izigobongo zesiliva nezizenze zezibane, nezitya, namatilongo, nazo izitya zegolide, nezitya zesiliva, ngemali eya telwa endhlini ka Jehova;
14Kodwa ba yi nika izisebenzi, ba lungisa ngayo indhlu ka Jehova.
15Njaloke, ka ba buzi kubantu aba i beka imali leyo ezandhleni zabo, ukukokela izisebenzi; ngokuba ba be sebenza ngenyaniso.
16Imali yomnikelo namacala, nemali yomnikelo wezono, a i letwanga endhlini ka Jehova, yona ya i eyabapristi.
17Kwa suka uHazaeli inkosi ya seSiria, wa kupuka, wa hlasela eGati, wa li nqoba; uHazaeli wa kupuka, wa qonda eJerusalema;
18uJehoashi inkosi yabaJuda wa zi tata zonke izinto ezi yingcwele eza miswa nguJehoshafati, noJehoramu, noAhazia, oyise, amakosi abaJuda, nezinto zake ezi ingcwele, negolide, lonke ela funyaniswa pakati kwemfuyo endhlini ka Jehova, na sendhlini yenkosi, wa ku tuma kuHazaeli inkosi ya seSiria, wenyuka eJerusalema.
19Imisebenzi eminye ka Jehoashi nako konke a kwenzayo, a ku lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaJuda?
20Izinceku zake za suka, zenza icebo lokubulala uJehoashi ka Betmilo ekwehleni ukuya eSila.
21uJozakare indodana ka Shimata, noJehozabada indodana ka Shomeri, izinceku zake, ba m bulala, wa fa; ba mbela ndawonye nokoko bake emuzini ka Davida; uAmazia indodana yake wa busa esikundhleni sake.