1KWA ti emva kwaloku inkosi yabantwana bakwa Amoni ya fa. uHanuni indodana yake, wa busa esikundhleni sake.
2Wa ti uDavida ngi ya kuba nomusa ku Hanuni, indodana ka Nahashi njengaloku uyise wenza umusa kimina, uDavida wa tumela izinceku zake ukumduduza ngenxa ka Yise. Izinceku zika Davida za fika ezweni labantwana bakwa Amoni.
3Amakosana abantwana bakwa Amoni a ti kuHanuni, inkosi yawo, u ti wena uDavida u ya m dumisa uyihlo ngokutumela abaduduzi kuwe na? Imbala uDavida a tumanga izinceku zake kuwe ukubhekisisa umuzi nokuwuhlola, nokuwudiliza na?
4Ngako uHanuni wa tabata izinceku zika Davida wa zi gunda inxenye yezilevu zazo, wa zi nquma izingubo zazo pakati, kwa ze kwa fika ezinkabeni, wa zi mukisa.
5Se be m tyelile uDavida loku, wa tuma abokuhlangabeza, ngokuba lawo 'madoda a e namahloni kakulu. Inkosi ya ti, hlalani eJeriko ku ze ku hlume izilevu zenu, be se ni ya buya.
6Lapo abantwana bakwa Amoni be bona ukuba ba ya nuka ngapambi kuka Davida, abantwana bakwa Amoni ba tuma, ba biza ngokutela amaSiria a seZoba, aba hamba ngezinyawo be izinkulungwane ezi ngamashumi amabili, na benkosi uMeka amadoda a inkulungwane, nabaka Ish-tobi amadoda a izinkulungwane ezi ishumi nambili.
7uDavida se e zwile loku, wa tuma uJoabi nempi yonke yamaqawe.
8Abantwana bakwa Amoni ba puma, ba hlela impi ekungeneni kwesango, amaSiria a seZoba naba seRehobi, nabakwa Ish-tobi, nabakwa Meka ba be bodwa endhle.
9Lapo uJoabi e bona ukuba izimpondo zempi zi m raqile ngapambili, nangasemva, wa keta amadoda a qinileyo kubo bonke abakwa Israeli, wa ba misa, ba bhekana namaSiria.
10Abantu abaseleyo wa ba nikela esandhleni sika Abishai umfo wabo, ukuba a ba mise ba bhekane nabantwana baka Amoni.
11Wa ti, Uma amaSiria e ngahlula, wena u ya ku ngi siza, kodwa uma abantwana baka Amoni be kwahlula, ngi ya kufika ngi ku size.
12Qinani, ni bonakalise amandhla enu, ngabantu bakiti, nemizi ka Tixo wetu, uJehova u za kwenza okuhle kuye.
13uJoabi wa sondela nabantu aba be naye, e ya kulwa namaSiria, a m balekela.
14Lapo abantwana baka Amoni be bona ukuba amaSiria a balekile, ba baleka nabo pambi kuka Abishai, ba ngena emuzini. uJoabi wa buya kubantwana baka Amoni, weza eJerusalema.
15AmaSiria e se bonile ukuba a tyayiwe pambi kuka Israeli a butana ndawonye.
16uHadareza wa tuma, wa leta amaSiria, a e ngapesheya komfula, a fika eHelamu, noShobaki induna yempi ka Hadareza, wa hamba pambi kwabo.
17Lapo e se tyeliwe uDavida, wa buta aba kaIsraeli bonke, wa wela iJordani, wa fika eHelamu, amaSiria a zi hlela a lwa noDavida.
18AmaSiria a ba balekela abakaIsraeli uDavida wa bulala amadoda ezinqola a seSiria amakulu a isikombisa nabantu bamahashi a ba izinkulungwane ezingamashumi amane, wa m tyaya uShobaki, induna yempi yabo, wa fa kona lapo.
19Lapo onke amakosi a e izinceku zika Hadareza, e bona ukuba a hluliwe, pambi kuka Israeli, a tela kwabakwa Israeli, a konza kubo. Ngako amaSiria e saba ukusiza abantwana baka Amoni futi.