1KWA ti emva kwaloku uAbsalomu indodana ka Davida, wa ye nodade wabo omuhle ogama lake linguTema, uAmnoni indodana ka Davida wa m tanda.
2uAmnoni wa hlupeka kakulu wa za wa gula ngenxa ka dade wabo uTema ngokuba wa e intombi, uAmnoni wa cabanga ukuti ku lukuni ukuba a be nokwenza into kuye.
3Kodwa uAmnoni wa e nesihlobo igama laso li nguJonadabi indodana ka Shimea umfo wabo ka Davida, uJonadabi wa e umuntu o nobuqili kakulu.
4Wa ti kuye, ku ngani ukuba wena, ndodana yenkosi u zace ngezinsuku zonke u nge ngi tyele na? Wa ti uAmnoni kuye ngi ya m tanda uTema udade wabo ka Absalomu umfo wetu.
5uJonadabi wa ti kuye, zilalise embedeni wako, u zigulise, lapo uyihlo e za ukukubona, u ti kuye, ngi ya kuleka, ma ke ze uTema udade wetu, a ngi pe ukudhla, a ku lungise emehlweni ami ukuze ngi ku bone, ngi ku dhle esandhleni sake.
6Ngako uAmnoni wa lala pansi wa zigulisa lapo inkosi i fika uku m bona. uAmnoni wa ti enkosini, ngi ya kuleka ma ke ze uTema, udade wetu, a ngenzele izinkwana ezimbili emehlweni ami ukuba ngi zi dhle esandhleni sake.
7uDavida wa tumela kuTema wa ti, hamba u ye endhlini ka Amnoni umne wenu u m lungisele ukudhla.
8Ngako uTema wa ya endhlini ka Amnoni umne wabo, e lele pansi, wa tata impupu wa i xova, wa zenza izinkwana emehlweni ake, wa zi peka lezo zinkwana.
9Wa tata isitya wa zi tululela kona ngapambi kwake, kodwa wala ukudhla, wa ti uAmnoni kipa bonke abantu, ba puma bonke kuye.
10Wa ti uAmnoni kuTema, ku lete endhlini yami yokulala ukudhla, ukuba ngi dhle esandhleni sako. uTema wa tata izinkwana a zenzileyo, wa zi yisa endhlini yokulala ka Amnoni umne wabo.
11Lapo e zi letile kuye, ukuba a dhle wa m bamba, wa ti kuye, woza u lale nami, dade wetu.
12Wa m pendula, wa ti, ca, u umfo wetu, musa uku ngi cindezela, ngokuba a ku fanele into e nje yenziwe eIsraeli. Musa ukwenza lobu bubi.
13Mina ngi ya kulifihlapi ihlazo lami na? wena, u ya kuba omunye weziula kuba Israeli, ngi ya kuncenga kulumake enkosini a i yi kukunqabela nami.
14Kodwa a ka li lalelanga izwi lake, ngokuba wa e namandhla kunaye wa m cindezela wa lala naye.
15uAmnoni wa ye se m zonda kakulu, inzondo a m zonda ngayo ya ba nkulu ku notando, a e kade e m tanda ngalo. uAmnoni wa ti kuye, vuka u hambe.
16Wa pendula, wa ti kuye, akuko 'sici, lobu 'bubi bokungimukisa, bukulu ku nokwenzileyo kimina, kodwa a ka m lalelanga.
17Wa se e biza inceku yake e sebenza kuye, wa ti, kipa manje lesi 'sifazana kimi, u hlutulele umnyango emva kwake.
18Wa e nengubo, e nemibala eminingi pezu kwake, ngokuba lezo 'zingubo za zi gqokwa amadodakazi enkosi a izintombi. Inceku yake ya se i m kipa ya hlutulela umnyango emva kwake.
19uTema wa zitela ngomlota ekanda wa dabula ingubo yake a e yi fakile e nemibala eminingi, wa twala izandhla ekanda, wa hamba e kala.
20uAbsalomu umne wabo wa ti kuye, uAmnoni umne wenu kade e nawe na? tulake dade wetu, yena u umne wenu u nga yi kataleli lento. Ngako uTema wa hlala yedwa endhlini ka Absalomu umne wabo.
21Inkosi uDavida se i zwile ngazo zonke lezi 'zinto, ya tukutela kakulu.
22uAbsalomu a kulumanga luto kuAmnoni umfo wabo, okuhle, nokubi, ngokuba uAbsalomu wa m zonda uAmnoni ngokuba wa e dumazile uTema udade wabo.
23Kwa ti emva kweminyaka emibili epeleleyo uAbsalomu wa e nabagundi bezimvu eBal-Hazori eduze neEfraimi. uAbsalomu wa mema onke amadodana enkosi.
24uAbsalomu wa fika enkosini, wa ti, bheka, manje inceku yako i nabagundi, ngi ya kuncenga, inkosi nezinceku zayo ma i hambe nenceku yako.
25Inkosi ya ti kuAbsalomu, ca ndodana yami, ma si nga hambi sonke manje, funa si be umtwalo kuwena. Wa m nxusa, noko inkosi a i hambanga, ya m busisa kupela.
26Wa tike uAbsalomu, ngi ya kuncenga, uma ku nge njalo dedela umfo wetu uAmnoni a hambe nati, Inkosi ya ti kuye, a hambeleni nawe na?
27uAbsalomu wa m nxusa wa za wa vuma. uAmnoni namadodana onke enkosi a hamba naye.
28uAbsalomu wa e se zi yalile izinceku zake wa ti, a no qapela isikati lapo inhliziyo ka Amnoni se yenamile iwaini, lapo ngi ti kini, bulalani uAmnoni, ni m bulale ni ngesabi, a ngi ni yalelanga na? qinani ni me isibindi.
29Izinceku zika Absalomu zenza kuAmnoni njengokuziyala kuka Absalomu; a e se suka onke amadodana enkosi, i lowo wa kwela kweyake imbongolo, a baleka.
30Kwa ti, be se sendhleleni, izwi la fika kuDavida, li ti, uAbsalomu u bulele onke amadodana enkosi a ku salanga neyodwa.
31Ya suka inkosi ya dabula izingubo zayo, ya lala emhlabatini nezinceku zonke zayo zema eduze, izingubo zazo zi dabukile.
32uJonadabi indodana ka Shimea umfo wabo kaDavida, wa pendula wa ti, Inkosi yami ma i nga cabangi ukuba u bulele zonke izinsizwa, amadodana enkosi, ngokuba uAmnoni yedwa ofileyo, ngokuba enhliziyweni ka Absalomu loku kwa qala ngosuku a dumaza ngalo udade wabo uTema.
33Ngako, inkosi yami, inkosi ma i nga hlupeki enhliziyweni yayo ngokucabanga ukuti onke amadodana enkosi a file, ngokuba uAmnoni yedwa ofileyo.
34uAbsalomu wa baleka. Insizwa e ya i yinhloli ya pakamisa amehlo ayo, ya buka, bheka, abantu abaningi ba beza ngendhlela entabeni emva kwayo.
35uJonadabi wa ti enkosini, Bheka a yeza amadodana enkosi, njengokutyo kwenceku yako ku njalo.
36Kwa ti, e se qedile ukukuluma bheka, a fika amadodana enkosi a pakamisa izwi lawo, a kala, nenkosi nabantu bayo ba kala kakulu.
37Absalomu wa baleka wa ya kuTaimai, indodana ka Amihudi inkosi yaseGeshuri. uDavida wa lilela indodana yake zonke izinsuku.
38Njaloke uAbsalomu wa baleka wa ya eGeshuri wa hlala kona iminyaka emitatu.
39uDavida wa fisa ukuya kuAbsalomu; ngokuba wa e se duduzekile ngoAmnoni e bona ukuba se wa fa yena.