1KWA ku kona ukulwa isikati eside pakati kwendhlu ka Sauli, nendhlu ka Davida, kodwa uDavida wa kula njalo, nendhlu ka Sauli ya ncipa njalo.
2Kwa zalelwa uDavida amadodana eHebroni; izibulo la li nguAmnoni, kuAhinoami intombi yaseJezrili.
3Eyobubili ya i nguKileabi kuAbigaili umka Nabali waseKameli, Eyobutatu uAbsalomu, indodana ka Maka, indodakazi ka Talmai, inkosi yaseGeshuri.
4Eyobune uAdonija, indodana ka Hagiti, neyesihlanu uShefatia indodana ka Abitali.
5Eyestupa, uItreamu, kuEgla umka Davida. Lawa a zalelwa uDavida eHebroni.
6Kwa ti lapo ku kona ukulwa pakati kwendhlu ka Sauli nendhlu ka Davida uAbneri wa qinisa wa i mela indhlu ka Sauli.
7uSauli wa e nentombi igama layo la li nguRizpa, indodakazi ka Aiya, uHishbosheti wa ti kuAbneri, u ngeneleni wena entombini ka baba na?
8Konake uAbneri wa tukutela kakulu ngamazwi ka Hish-bosheti, wa ti, ngi ikanda lenja mina na? E nomusa namhla ngakwa Juda endhlini ka Sauli uyihlo kubafo wabo, nasezihlotyeni zake, ngi nga kunikelanga esandhleni sika Davida, ukuba u ngi qale namhla ngento embi nga lesi 'sifazana na?
9Ma kenze njalo uTixo kuAbneri, a dhlulise futi, njengokufunga kukaJehova kuDavida, nami ngokwenza njalo kuye.
10Ukuguqula umbuso endhlini ka Sauli nokumisa isihlalo sobukosi sika Davida pezu kuka Israeli na pezu kuka Juda, ku suke kwa Dani, ku ze ku fike eBeresheba.
11A ka ba nako ukupendula uAbneri ngezwi futi, ngokuba wa ye e m esaba.
12uAbneri wa tuma izigijimi kuDavida esikundhleni sake e ti, E lika bani izwe na? E ti futi, Hlangana nami, bhekake! isandhla sami si ya kuba nawe ukubutela abaIsraeli bonke kuwe.
13Wa ti, yeboke; ngi ya kuhlangana nawe, kodwa inye into e ngi ya ku yi dinga kuwe ukuti, a u yi ku bona ubuso bami u nga ka leti uMikali indodakazi ka Sauli, lapo u zayo ukubona ubuso bami.
14uDavida wa tuma izigijimi kuHishbosheti, indodana ka Sauli, e ti, Ngi nikele umfazi wami uMikali e nga zitengela yena ngamajwabu a ikulu amaFilisti.
15uHish-bosheti wa tuma, wa m tata endodeni yake, uFaltieli, indodana ka Laishe.
16Kepa indoda yake ya m landela i kala, wa za wa fika eBahurimu. Wa ti uAbneri kuye, buya. Wa buya.
17uAbneri wa kulumisana nezikulu zakwa Israeli e ti, na funa uDavida ngezikati ezi dhlulileyo ukuba a be inkosi pezu kwenu.
18Kwenzenike manje, ngokuba uJehova u kulumile ngoDavida e ti, ngesandhla senceku yami uDavida, ngi ya kukulula abantu bami abaIsraeli esandhleni samaFilisti na sesandhleni sezita zonke zabo.
19uAbneri wa kuluma futi ezindhlebeni zika Benjamini, uAbneri wa ya futi ukukuluma ezindhlebeni zika Davida eHebroni, konke okungati ku lungile kuIsraeli na sendhlini yonke ka Benjamini.
20uAbneri wa fika kuDavida eHebroni, e hamba namadoda e ngamashumi amabili, uDavida wenzela uAbneri na lawo 'madoda, a e naye ukudhla.
21uAbneri wa ti kuDavida, ngi ya kusuka, ngi ye, ngi butele abaIsraeli bonke enkosini yami, ukuze benze isivumelwano nawe, ukuze futi u buse pezu kwako konke oku tandayo enhliziyweni yako, uDavida wa m mukisa uAbneri, wa hamba ngokujabula.
22Bheka izinceku zika Davida nezika Joabi za buya ekulandeleni isixuku, za leta impango enkulu, kodwa uAbneri wa e ngeko noDavida eHebroni, ngokuba wa e m mukisile, wa hamba ngokujabula.
23Lapo uJoabi nesixuku e sa si naye, ba fika, ba m tyela uJoabi, be ti, uAbneri indodana kaNeri, wa fika enkosini, ya m mukisa wa hamba ngokujabula.
24uJoabi wa fika enkosini wa ti, wenzeni wena na? bheka; uAbneri wa fika kuwe, ku ngani ukuba u m mukise, wa hamba impela na?
25U ya m azi uAbneri indodana kaNeri, ukuba wa fika uku ku kohlisa, nokuqapela ukupuma kwako, nokungena kwako, nokwazi konke okwenzayo.
26Lapo uJoabi e se pumile kuDavida, wa tuma izigijimi ukulandela uAbneri, za m buyisa emtonjeni waseSira, kepa uDavida wa e nga kwazi.
27Lapo uAbneri e se buyele eHebroni uJoabi wa m buyisela ecaleni esangweni ukuba a kulume naye kancane, wa m gwaza lapo, ngapansi kobambo lwesihlanu wa fa ngenxa yegazi lika Asaheli umfo wabo.
28Ngasemva lapo uDavida e ku zwile wa ti, mina nombuso wami a si nacala ngapambi kuka Jehova ku ze ku be sekupeleni ngenxa yegazi lika Abneri indodana ka Neri.
29Ma li be pezu kwekanda lika Joabi na pezu kwayo yonke indhlu ka yise. Ma ku nga puti endhlini ka Joabi namunye o nesizalo no nelepero, no zimelela ngoti nowelayo pezu kwenkemba, noswele isinkwa.
30Ngako uJoabi noAbishai umfo wabo, ba bulala uAbneri ngokuba wa bulala umfo wabo uAsaheli eGibeoni empini.
31uDavida wa ti kuJoabi nakubantu bonke aba be naye, dabulani izingubo zenu ni bince ngamasaka, ni kalele uAbneri, naye uDavida inkosi wa landela uhlaka.
32Ba m gqiba uAbneri eHebroni inkosi ya pakamisa izwi layo, ya kala etuneni lika Abneri, nabantu bonke ba kala.
33Inkosi ya m lilela uAbneri ya ti, wa fa uAbneri, njengokufa kwesiula na?
34Izandhla zako za zi nga botyiwe, nezinyawo zake za zi nga banjiwe ngensimbi, wa fa wena njengomuntu o wayo pambi kwabantu ababi. Abantu bonke ba pinda ba m kalela.
35Lapo abantu bonke ba fika kuDavida uku m dhlisa inyama, ku sa kanya, uDavida wa funga wa ti, uTixo ma kenze njalo kimi, a dhlulise futi, uma ngi dhla isinkwa, nokunye li ze li tyone ilanga.
36Abantu bonke ba bhekisisa kuloku, kwa ba jabulisa njengokwenza konke kwenkosi kwa jabulisa abantu bonke.
37Ngokuba abantu bonke nabaIsraeli bonke, bazi ngalolo 'suku ukuba kwa ku nge siko okwenkosi ukubulala uAbneri indodana kaNeri.
38Inkosi ya ti ezincekwini zayo, ka nazi nina ukuti inkosi umuntu omkulu i file namhla kwaba kwa Israeli na?
39Nami ngi butakataka namhla, noko ngi inkosi egcotyiweyo; laba 'bantu, amadodana kaZeruia ba ya ngahlula. uJehova u ya kupindisa kowenza okubi, njengokubi a kwenzayo.