1KWA se ku za izizwe zonke za kwa Israeli kuDavida eHebroni. Za ti, bheka, si itambo lako nenyama yako.
2Futi ngesikati esidhlulileyo, lapo uSauli e inkosi pezu kwetu, kwa ku uwe o wa kipa no wa ngenisa uIsraeli, uJehova wa ti kuwe, wena u ya kondhla abantu bami abaIsraeli, u be induna pezu kuka Israeli.
3Ngako, zonke izikulu zakwa Israeli za fika enkosini eHebroni, inkosi uDavida wenza isivumelwano nazo eHebroni ngapambi kuka Jehova ba m gcoba uDavida a be inkosi pezu kuka Israeli.
4uDavida wa e neminyaka e ngamashumi amatatu lapo e qala ukubusa; wa busa iminyaka e ngamashumi amane.
5Wa busa eHebroni pezu kweJuda iminyaka e yisikombisa nezinyanga ezi isitupa, eJerusalema wa busa iminyaka e ngamashumi amatatu nantatu pezu kweIsraeli lonke neJuda.
6Inkosi nabantu bayo ba ya eJerusalema kumaJebusi, abantu ba ku lelo zwe ba kuluma kuDavida be ti, a u so ze wa ngena lapa, aba izimpumpute nabagugayo, ba za ku vimbela, be cabanga ukuti, uDavida a namandhla ukungena.
7Noko uDavida wa nqoba inqaba e lukuni eZioni; e li ngumuzi ka Davida.
8Wa ti uDavida ngalolo 'suku bona aba fikela ngasezintubeni zamanzi, be bulala amaJebusi naba gugileyo naba izimpumpute aba zondwa umpefumlo ka Davida yena u za kuba induna, ngako bona ba ti, aba izimpumpute nabagugileyo a ba yi kungena endhlini.
9uDavida wa hlala enqabeni, wa i biza ngokuti umuzi ka Davida, uDavida wa waka kona wa qala eMilo nangapakati.
10uDavida wa qubeka njalo wa ba 'mkulu, uJehova inkosi yamabandhla wa e naye.
11uHiramu, inkosi yaseTire wa tuma izigijimi kuDavida nemiti yesedare nababazi nabaka ngesitini, bakela uDavida indhlu.
12uDavida wa bona ukuba uJehova u m misile a be inkosi pezu kuka Israeli, nokuba u kulisile umbuso wake ngenxa yabantu bake abaIsraeli.
13uDavida wa pinda wa tata izintombi nabafazi eJerusalema, e se buyile eHebroni, wa zalelwa amadodana, namadodakazi uDavida.
14Amagama abo aba zalelwa yena eJerusalema a e nguShamua noShobabi, noNatani noSolomona.
15NoIbha, noElishua, noNefegi, noJafia.
16noElishama, noEliada, noElifaleti.
17Lapo amaFilisti e se zwile ukuba ba m gcobile a be inkosi pezu kweIsraeli, onke amaFilisti a kupuka ukufuna uDavida. uDavida e se zwile loko, wehlela enqabeni.
18AmaFilisti e za, a hlakazeka esigodini sonke sa seRefa.
19uDavida wa buza kuJehova, wa ti, ngi kupukele kumaFilisti na? U ya kuba nikela esandhleni sami na? uJehova wa ti kuDavida kupuka, ngokuba impela ngi ya kubanikela esandhleni sako.
20uDavida wa fika eBaal-perazimu. uDavida wa ba tyaya kona, wa ti uJehova u bobokele eziteni zami, ngapambi kwami njengokuboboka kwamanzi, ngako wa i biza leyo 'ndawo iBaal-perazimu.
21Ba shiya izitombe zabo lapo, uDavida nabantu bake ba zi tyisa.
22AmaFilisti a kupuka futi, a hlakazeka esigodini saseRefa.
23Lapo uDavida e buza kuJehova, wa ti yena, a u yi kukupuka, kodwa ba nqamlele ngemuva, u fike kubo ngasemitini yamajikijolo;
24Ukuze ku ti lapo u zwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zemiti yamajikijolo, konake u zi hlomise, ngokuba ngaleso 'sikati uJehova u ya kunandulela ukubulala isixuku samaFilisti.
25uDavida wa kwenza loko, njengokutyo kukaJehova, wa bulala amaFilisti, ku suka eGeba ku ze ku fike eGezeri.