1SE be dabulile iAmfipoli neApolonia, ba fika eTesalonika, lapo kwa ku kona indhlu yokusonta yabaJuda.
2uPaule, njengokwenza kwake wa ngena kubo, amasabata amatatu wa shumayela kubo ngezindaba zemibalo,
3E casisela, e qondisa ukuti, kwa be ku dingeka ukuba uKristu a hlupeke a buye a vuke kwabafileyo; nokuti, uJesu lo, engi ni shumayeza yena, u nguKristu.
4Abanye kubo ba kolwa, ba hlangana noPaule noSila, nabaningi aba ngamaGreki a konzayo, nabesifazana abakulu aba nge siyo incozana.
5Kepa abaJuda abangakolwayo ba ba nomona, ba tabata amashinga a tile kumavila, ba buta umbonda, ba banga umsindo emzini, ba kandanisela indhlu ka Jasone, ba funa ukubayisa ebantwini.
6Kodwa be nga ba fumani, ba m hola uJasone nabanye abazalwane, ba ya nabo kubabusi bomuzi, ba memeza be ti, Laba aba nyakazisa izwe se be fikile na lapa;
7U bamkele uJasone; labo bonke ba pambene nemiteto ka Kesari, be ti, i kona enye inkosi, uJesu.
8Betuka abantu nababusi bomuzi, se bezwe loko.
9Ba tabata isiboniso kuJasone na kwabanye, ba ba yeka.
10Ba ti abazalwane ba tyetya ba mukisa oPaule noSila ebusuku, ba ye eBerea; se be fikile kona, ba ngena endhlini yokusonta yabaJuda.
11Labo ba be lungile ku na labo aba seTesalonika, ngokuba ba lamkela izwi ngenhliziyo yonke, ba bhekisisa izincwadi imihla ngemihla, uma lezizinto zi njalo.
12Ngako abaningi kubo ba kolwa; nabesifazana abakulu aba ngamaGreki, namadoda a nge siyo incozana.
13Kodwa abaJuda ba seTesalonika, se be zwa ukuti izwi lika Tixo li shunyayelwe uPaule na seBerea, beza kona ba nyakazisa abantu.
14Kona masinyane abazalwane ba mukisa uPaule ukuba a ye nga selwandhle: kodwa uSila noTimote ba sala kona.
15Labo aba be m pelekezela uPaule ba m yisa eAtene; se be yaliwe ukuba ba ye, ba bize uSila noTimote, beze kuye ba tyetye, bemuka.
16uPaule e sa ba linda eAtene, umoya wake wa cunuka pakati kwake, e bona umuzi u vame izitombe.
17Ngako wa shumayela endhlini yokusonta kubaJuda na kwabakonzayo, na sendaweni yokubutana wa shumayela imihla ngemihla kwabamfumeneyo.
18Kona abanye aba kubaEpikuro naba kumaStoiko, abahlakanipi, ba pikisana naye. Abanye ba ti, Lesisibobi si za kutini na? Abanye ba ti, Ku nga ti u ngoshumayela otixo abangaziwayo: ba tyo ngokuba wa shumayela ngoJesu, na ngokuvuka kwabafileyo.
19Ba m tabata, ba m yisa eAreopagu, be ti, Si nga kwazi lokukufundisa okutya, o ku shumayelayo, ukuba ku ini na?
20Ngokuba u lete ezindhlebeni zetu izindaba ezimangalisayo: ngako si tanda ukwazi, ukuba ku tini lezizinto.
21Ngokuba bonke aba seAtene nabezizwe aba be hlezi kona a benzanga luto, ba shumayela bezwa izindaba nje kupela.
22Kona uPaule wema ngapakati kweAreopagu, wa ti, Madoda a seAtene, ngi ya bona ni konza otixo kakulu ngezinto zonke.
23Ngokuba ekudhluleni kwami nga buka izitombe zenu, nga bona ilati oku lotywe kulo ukuti, Elika Tixo ongaziwayo. Ngako lowo, eni m konzayo, ni nga m azi, ngi ya ni shumayeza yena.
24uTixo owenza umhlaba nako konke oku kuwo, loku u iNkosi yezulu nomhlaba, ka hlali ematempelini enziwe ngezandhla;
25Ka konzwa ngezandhla zabantu, ku nga ti u dinga into, loku uyena o ba pa bonke ukupila, nokupefumla, nezinto zonke;
26Wa zenza izizwe zonke zi vela ngegazi linye, ukuba zake emhlabeni wonke, wa misa izikati ezinqunyiweyo, nemikaulo yokwaka kwazo;
27Ukuze zi fune iNkosi, zi ti katisimbe zi nga i zwa zi mpumputayo, zi i fumanise, kepa a i kude kitina sonke.
28Ngokuba si pila, si hamba, si nokubako ngayo; njengaloku se be tyo nabanye abaqamba magama ba kini, ukuti, Tina si inzalo yake.
29Ngakoke loku si inzalo ka Tixo, a ku fanele ukuba si ti, ubutixo bu fana negolide, nesiliva, netye, ku lunjiwe ngesineke nokuhlakanipa kwabantu.
30uTixo wa zi bekezela izikati zokungazi, kepa kaloku u yala abantu bonke ezindaweni zonke ukuba ba penduke:
31Ngokuba u misile usuku, a ya kwahlulela ngalo izwe ngokulunga, ngomuntu a m bekileyo: wa qinisa kubo bonke ngokumvusa kwabafileyo.
32Bezwa e kuluma ngokuvuka kwabafileyo, abanye ba hlekisa; abanye ba ti, Si ya kubuya si ku zwe nga lendaba.
33Njalo uPaule wa puma pakati kwabo, wemuka.
34Kepa abanye abantu ba namatela kuye, ba kolwa: kwa ku kona pakati kwabo uDionisi wa seAreopagu, nowesifazana o tiwa uDamari, nabanye kanye nabo.