1EMVA kwa loku uPaule wemuka eAtene, wa ya eKorinte.
2Wa fumana kona umJuda, igama lake li nguAkwila, wa sePontu ngokuzalwa, e sandu kuvela eItali, nomkake ePrisila; (ngokuba uKlaudio wa be e memezile ukuba abaJuda bonke bemuke eRoma:) wa ya kubo.
3Loku wa e ngowomsebenzi munye nabo, wa hlala nabo wa sebenza; ukwenza amatente ku umsebenzi wabo
4Wa shumayela endhlini yokusonta amasabata onke, wa bahlula abaJuda namaGreki.
5Kwa ti, se be fikile oSila noTimote, be vela eMakedonia, uPaule wa cindezelwa izwi, wa qinisa kubaJuda ukuti uJesu u nguKristu.
6Kodwa be sa pika, be tuka, wa vutulula izingubo zake, wa ti kubo, Igazi lenu ma li be pezu kwamakanda enu; ngi mhlope mina: se ngi za kusuka manje; ngi ye kwabezizwe.
7Wemuka lapo, wa ngena endhlini yomuntu, o tiwa uJustu, owa e konza uTixo, indhlu yake ya i seduze nendhlu yokusonta.
8uKrispu, umbusi wendhlu yokusonta, wa kolwa iNkosi, kanye nayo yonke indhlu yake; nabaningi ba seKorinte bezwa, ba kolwa, ba bapatizwa.
9Kona iNkosi ya ti kuPaule ngesiboniso ebusuku, U ngesabi; shumayela njalo, u nga tuli.
10Ngokuba ngi nawe mina, a ku ko umuntu o za kukuvukela, a ku limaze: ngokuba ngi nabantu abaningi ku lomuzi.
11Wa hlala kona umnyaka nezinyanga ezi isitupa, e fundisa izwi lika Tixo pakati kwabo.
12Kwa ti, uGalio e ngumbusi wa seAkaya, abaJuda ba m vukela uPaule nganhliziyonye; ba m yisa esihlalweni sokwahlula;
13Ba ti, lomuntu u ya ba unga abantu, ukuba ba nga m dumisi uTixo ngomteto.
14Kepa uPaule e se za kukuluma, uGalio wa ti kubaJuda, Nina baJuda, uma be ku kona icala lokona nelokushinga, nga ngi ni vumela:
15Kodwa uma ku ukupikisana ngezwi, na ngamagama, na ngomteto wa kini, ku bekeni nina; a ngi tandi ukwahlula lezizinto.
16Wa ba xotya esihlalweni sokwahlula.
17Kona amaGreki onke a m bamba uSostene, umbusi wendhlu yokusonta, a m tyaya kona esihlalweni sokwahlula, kepa uGalio a ka naka lezozinto.
18Wa ti uPaule, e se hlezi kona izinsuku eziningi, wa ba valelisa abazalwane, wemuka ngomkumbi, wa ya eSiria, kanye noPrisila noAkwila, e gundile ikanda lake eKenkrea; ngokuba wa e botyiwe izwi.
19Wa fika eEfesu, wa ba shiya kona; kepa yena wa ngena endhlini yokusonta, wa shumayela kubaJuda.
20Ba m ncenga ukuba a hlale nabo isikati: a ka vuma.
21Wa ba valelisa, e ti, Ku fanele impela ukuba ngi gcine eJerusalema lomhlangano ozayo: kepa ngi ya kubuya ngi ze kinina, uma uTixo e vuma. Wemuka eEfesu.
22Se e fikile eKosaria, wa kupuka wa ya wa bingelela ibandhla, weukela eAntioki.
23Wa hlala kona isikati, wemuka wa dabula izwe la seGalatia na seFrigia imizi ngemizi, e qinisa abafundi bonke.
24Kwa fika eEfesu umJuda otile, igama lake li nguApolo, wa seAlesandria ngokuzalwa, umuntu ofundileyo, e namandhla ezincwadini.
25Lomuntu wa e fundisiwe indhlela yeNkosi; e tya ngomoya, wa shumayela, wa fundisa kahle izindaba zeNkosi, e kwazi ukubapatiza kuka Johane kupela.
26Wa qala yena ukushumayela ngesibindi endhlini yokusonta. Kepa se be m zwile uAkwila noPrisila, ba m tabata, ba m casisela kahle indhlela kaTixo.
27E tanda ukudhlulela eAkaya, abazalwane ba loba incwadi, ba yala abafundi ukuba ba m amkele: se e fikile wa ba siza kakulu abakolwayo ngomusa.
28Ngokuba wa ba pikisa abaJuda ngamandhla, wa bahlula pambi kwabantu, e bonisa ngezincwadi ukuti uJesu u nguKristu.