1KWA ti, se ku nqunyiwe ukuba si muke si ye eItalia ngomkumbi, ba nikela uPaule nezinye izibotywa enduneni yekulu, e tiwa uJulio, yesigaba sika Kesari.
2Sa ngena emkunjini wa seAdramitio, sa muka, be si ti, si za kuya nga sezweni la seAsia: sa hamba noAristaku, umMakedonia wa seTesalonika.
3Ngangomso sa fika eSidone. uJulio wa m pata kahle uPaule, wa m vumela ukuya ezihlotyeni a konzwe izo.
4Sa suka kona, sa ya sa dhlula enzansi kweKupro, ngokuba umoya wa u pambene nati.
5Se si welile ulwandhle lwa seKilikia nePamfilia, sa fika eMira la seLikia.
6Ikona induna yekulu ya fumana umkumbi wa seAlesandria o ya eItalia: ya si ngenisa kuwo.
7Kepa sa hamba kancinyane izinsuku eziningi, sa fika ngobunzima nga seNidu; umoya u nga si vumeli, sa dhlula enzansi kweKrete nga seSalmone.
8Sa dhlula kona ngokunqala, sa fika endaweni okutiwa iTeku elihle; okwa ku seduze nalo umuzi o iLasia.
9Se ku dhlulile isikati eside, futi se ku ingozi ukuhamba ngomkumbi, ngokuba se ku dhlulile umhlangano wokuzila ukudhla, uPaule wa ba luleka,
10Wa ti kubo, Madoda ngi ya bona lokukuhamba ku za kuba nokwenzakala nokucitakala okukulu, a ngi tyo okwempahla nokomkumbi wodwa, ngi ti nako okokupila kwetu.
11Kodwa induna yekulu ya lalela inkosi yomkumbi nomniniwo, ku na loko okwa shunyayelwa uPaule.
12Loku iteku la be li nga lungele ukuhlala kona ebusika, abaningi ba ti ma ba muke kona, ukuba ku nga ti ba fike eFenike, ba hlale kona ebusika, oku iteku la seKrete, eli bheka nga seningizimu na nga setyisandhlu.
13Iningizimu i sa pepeta kahle, ba cabanga ba ti ba ku zuzile, aba ku funayo, besuka, ba dhlula eduze neKrete.
14Kodwa emva kwesikatyana umkumbi wa betwa umoya omkulu, o tiwa Uroklidoni.
15Kepa umkumbi se u banjwa, u nga se nakubhekana nomoya, sa u yeka sa qutywanje.
16Sa ya sa fika enzansi kwesiqingana, esi tiwa uKlaude, sa sindisa isikepe ngokuzama nokuzama.
17Ba si pakamisa, ba pata izinto zokusiza, ba u bopa umkumbi ngapansi; besabe, ku nga ti ba bitye esihlabatini, ba zeusa izindwangu, ba qutywa nje.
18Sa qutywa umoya kakulu, kwa ti ngangomso ba pungula impahla.
19Ngolwesitatu sa lahla izinto zomkumbi ngezandhla zetu.
20Kwa ti, ku nga sa bonakali ilanga nezinkanyezi ngezinsuku eziningi, si qinisa isipepo, sa lahlekelwa itemba lonke lokusindiswa.
21Se ku zilwe ukudhla isikati eside, kona uPaule wema pakati kwabo, wa ti, Madoda, nga be na lalela mina, ni nga muki eKrete, ni pepe lokukwenzakala nokucitakala.
22Kaloku ngi ya ni yala ukuba ni me isibindi: ngokuba ka yi kufa umuntu kini, umkumbi kupela.
23Ngokuba be ku kona kimi nga lobubusuku ingelosi ka Tixo, engi ngowake, nengi m konzayo,
24Ya ti, U ngesabi, Paule; u za kuyiswa pambi kuka Kesari: bhekake, uTixo u ku nikile bonke labo aba hamba nawe.
25Ngako, madoda, yimani isibindi; ngokuba ngi ya kolwa uTixo, ukuti, ku ya kuba njengokutyiwo kimi.
26Kepa si za kulahleleka esiqingini esitile.
27Njalo, se ku fikile ubusuku beshumi nane, si sa zula eAdria, kwa ti pakati kobusuku, abomkumbi ba cabanga ba ti, ku seduze izwe eli tile;
28Ba ponsa uhlamvu, ba bona lu tyone amafatome amashumi amabili; ba quba incozana, ba ponsa uhlamvu futi, ba bona lu tyone amafatome a ishumi nesihlanu.
29Besaba ukuba ku nga ti si tyayeke emadwaleni, ba ponsa izankora ezine ngasemva komkumbi, ba fisa ukuba ku se.
30Abomkumbi be sa funa ukubaleka emkunjini, se behlisele isikepe emanzini, be zenzisa ba ti ba za kwehlisa izankora ngapambili,
31Wa ti uPaule enduneni yekulu na semabutweni, Uma laba be nga hlali emkunjini, ni nge sindiswe.
32Kona amabuto a nquma izintambo zesikepe, a si yeka sa wa.
33Kwa ti lapo se ku za kusa, uPaule wa ba ncenga bonke ukuba ba dhle ukudhla, e ti, Namhla ku usuku lweshumi nane ni lindile, ni hlezi ni zila, ni nga dhli luto.
34Ngako ngi ya ni ncenga ukuba ni dhle: ngokuba loku ko ni lulamisa: a ku yi kulahleka ekanda nolodwa unwele lomuntu kinina.
35E se shumayela njalo, wa tabata isinkwa, wa bonga uTixo pambi kwabo bonke, wa si hlepula, wa qala ukudhla.
36Kona ba tokoza bonke, ba dhla.
37Tina sonke esa si kona emkunjini, be si ngamakulu amabili namashumi a isikombisa nesitupa.
38Se be suti ukudhla, ba pungula impahla emkunjini, be cita amabele emanzini.
39Kwa ti se ku sile, ba be nga lazi izwe: kodwa ba bona iteku eli nogu, ba tanda ba ti, uma ku ngenzeka, ba za ku qubela umkumbi kulo.
40Ba nquma izankora: ba zi yeka zi cwila elwandhle emanzini, ba tukulula izintambo zamapini okutyengisa, ba pakamisela emoyeni indwangu ya pambili, ba qonda ogwini.
41Se be fikile endaweni yokuhlangana kwamanzi, umkumbi wa kahleleka pansi; wema u gxilile, kepa ngasemva wa pulwa ngamandhla amaza.
42Amabuto a ceba icebo lokuba ku bulawe izibotywa, funa ezinye zi baleke ngokuhlamba.
43Kodwa induna yekulu, i tanda ukusindisa uPaule, ya vimbela ukuceba kwawo, ya ti labo aba kwazi ukuhlamba, ba ziponse emanzini kuqala, ba pumele ngapandhle:
44Nokuba abaseleyo ba pume, abanye ngamapulangwe, nabanye ngezincezu zomkumbi. Njalo bonke ba pumela ngapandhle be sindile.