1USAULI, e sa futa ukusongela nokubulala abafundi beNkosi, wa ya kumpristi omkulu,
2Wa cela kuye izincwadi zokuya eDamaseku, emabandhleni, ku ze ku ti, uma e ba fumana abantu aba lendhlela isilisa nesifazana, a ba yise eJerusalema be botyiwe.
3Ekuhambeni kwake wa sondela eDamaseku: kwa m zuma ukukanya oku vela ezulwini, kwa m baneka.
4Wa wa pansi, wezwa izwi li ti kuye, Sauli, Sauli, u ngi hlupelani na?
5Wa ti, U ngubani, Nkosi? Ya ti Nkosi, Ngi nguJesu o m hlupayo: ku lukuni kuwe ukukahlela ezincijini.
6Wa tutumela, e mangala, wa ti, Nkosi, u tanda ukuba ngenzeni na? Inkosi ya ti kuye, Suka, u ye emzini, u ya kutyelwa loko o nga kwenza.
7Abantu aba hamba naye bema, be nge nakukuluma, bezwa izwi, kodwa be nga boni muntu.
8uSauli wesuka pansi; se e vuliwe amehlo ake, a ka bona muntu: ba m bamba ngesandhla, ba m yisa eDamaseku.
9Izinsuku za ba ntatu wa e nga boni, e nga dhli, e nga puzi luto.
10Kwa ku kona eDamaseku umfundi, igama lake li nguAnania; iNkosi ya ti kuye esibonakalisweni, Anania. Wa ti, Ngi lapa, Nkosi.
11Inkosi ya ti kuye, Suka u ye endhleleni oku tiwa Ilungile, u buze endhlini kaJuda umuntu igama lake li nguSauli wa seTarsu: ngokuba nango, u ya kuleka,
12U bonile esibonakalisweni umuntu, igama lake li nguAnania, e ngena e beka isandhla pezu kwake, ukuba a bone.
13Kona uAnania wa pendula wa ti, Nkosi, ngi zwile kwabaningi nga lomuntu, okubi konke a kwenzile kwabangcwele bako ba seJerusalema.
14Na lapa u namandhla a wa piwa abapristi abakulu ukubopa bonke aba kuleka egameni lako.
15Inkosi ya ti kuye, Hamba; ngokuba lo u isitya esiketiweyo imi sokupata igama lami pambi kwezizwe, namakosi, nabantwana baka Israeli.
16Ngokuba ngi ya kumbonisa loko a za kuhlutywa ngako ngegama lami.
17Wa hamba, uAnania wa ngena endhlini; wa beka izandhla pezu kwake, wa ti, Sauli, mzalwane, iNkosi, uJesu, owa bonakala kuwe endhleleni oweza ngayo, i ngi tumile ukuba u buye u bone, u gcwale uMoya o ingcwele.
18Kwa wa masinyane emehlweni ake kwa nga ti izinkwetu; wa se e buya wa bona, wesuka wa bapatizwa.
19Wa dhla ukudhla, wa qina. uSauli wa hlala izinsuku nabafundi ba seDamaseku.
20Wa se e shumayela uKristu ezindhlini zokusonta, ukuti u iNdodana ka Tixo.
21Ba mangala bonke abamzwayo, ba ti, A siye ini lo owa cita eJerusalema abakuleka ku leligama na? weza lapa ngaloko, ukuba a ba yise be botyiwe kubapristi abakulu.
22Kepa uSauli wanda kakulu emandhleni, wa bahlula abaJuda aba be hlezi eDamaseku, e qinisa ukuti, lo u nguye uKristu.
23Se ku dhlule izinsuku eziningi, abaJuda ba ceba ukuba ba m bulale.
24Kepa icebo labo laziwa uSauli. Ba linda amasango na semini na sebusuku, ukuze ba m bulale.
25Kona abafundi ba m tabata ebusuku; ba m ehlisa odongeni, be m pate ngeqoma.
26uSauli se e fikile eJerusalema, wa linga ukuhlangana nabafundi: kepa ba m esaba bonke, be nga kolwa ukuba u ngumfundi.
27Kodwa uBarnaba wa m tabata wa m yisa kubapostoli, wa ba landisa ukuibona kwake iNkosi endhleleni, nokuti i kulume naye, nokushumayela kwake ngegama lika Jesu eDamaseku, e mi isibindi.
28Wa e kona nabo eJerusalema e ngena e puma.
29Wa shumayela ngegama leNkosi uJesu e mi isibindi: njalo wa kuluma e pikisana namaGreki: ba linga ukumbulala.
30Abazalwane se be kwazi loko, ba m ehlisela eKesaria, ba m tuma a ye eTarsu.
31Njalo amabandhla a seJudia lonke, na seGalile, na seSamaria, a be nokutula, akiwa, a hamba esaba iNkosi, e tokoziswa uMoya o ingcwele, andiswa.
32Kwa ti uPetro, e dabula ezindaweni zonke, wehlela na kwabangcwele aba be hlezi eLida.
33Wa fumana kona umuntu, igama lake li nguEnea, owa be e lele embedeni iminyaka eshiyagalombili, e kwelwe ubuparalio.
34uPetro wa ti kuye, Enea uJesu Kristu u ya ku pilisa; suka u zandhlalele umbede wako. Wa se e suka.
35Ba m bona bonke aba be hlezi eLida na seSarone, ba pendukela eNkosini.
36Kwa ku kona eJopa umfundikazi, igama lake li nguTabita, oku tiwa ngokukumshwa uDorka: lowo wa vama imisebenzi elungileyo, nomusa a wenzayo.
37Kwa ti nga lezozinsuku wa gula, wa fa; ba m geza, ba m beka endhlini e pezulu.
38Loku iLida la li seduze neJopa, abafundi se be zwile ukuti uPetro u kona, ba tuma kuye abantu ababili, be m ncenga ukuba a nga libali ukuza kubona.
39Wesuka uPetro, wa hamba nabo. Se be fikile, ba m yisa endhlini e pezulu: bema naye abafelokazi bonke, be kala, ba m bonisa izambato nezingubo a be zenzile uDorka, e se nabo.
40Kepa uPetro wa ba pumisela bonke ngapandhle, wa guqa ngamadolo, wa kuleka: wa pendukela esidunjini, wa ti, Tabita, vuka. Wa vula amehlo ake, e bona uPetro, wesuka wa hlala.
41Wa m bamba ngesandhla, wa m lulamisa: wa biza abangcwele nabafelokazi, wa m beka pambi kwabo e se pilile.
42Kwezwakala loko eJopa lonke: abaningi ba kolwa iNkosi.
43Wa hlala eJopa izinsuku eziningi, kuSimone umkuhli.