1NJALO iNkosi uJehova i ngi bonisile; bhekake iqoma lamakiwane.
2Wa se e ti, U bonani Amosi na? Nga ti mina, Iqoma lamakiwane. Lapo uJehova wa ti kimi, Ukupela ku fikile pezu kwabantu bami abaIsraeli; a ngi sa yi ku pinda uku ba dhlula.
3Ku ya kuti nga lomhla ukuhlabelela kwetempeli ku kale, i tyo iNkosi uJehova; ko ba kona izidumbu eziningi ezindaweni zonke; zi lahlelwe ngokutula.
4Yizwani loku nina e ni funa ukuminza abadingayo, nokucita abampofu bezwe.
5Ni ti, Inyanga etwasayo yo dhlula nini, ukuze si tenge ngezikafu, nesabata ukuze si veze ukolweni, si ncipise iefa, si kulise ishekeli, si pambukise izikalo zenkohliso?
6Ukuze si tenge abampofu ngesiliva, nabadingayo ngombanqa wezicatulo; ni tenge na ngamahlunge kakolweni?
7uJehova u fungile ngobuhle buka Jakobe, impela a ngi yi ku kohlwa napakade noawodwa wemisebenzi yabo.
8Izwe a li yi ku tutumela ngenxa yaloku, ba dabuke bonke ilo o hlezi kulo na? li ya kuvuka lona lonke njengomsinga; li ya kukuliswa li cwile njengomsinga wa sEgipite.
9Ku ya kuti nga lomhla, i tyo iNkosi uJehova, ngo tyonisa ilanga emini, ngi nyamalalise izwe emini enkulu.
10Ngo pendula amadili enu ekudabukeni, nokuhlabelela konke kwenu ku be igama lokulila, ngi veze pezu kwezinkalo zonke indwangu yokulila, na pezu kwamakanda onke impandhla; ngi ya kwenza ku be njengokudabuka ngomntwana oyedwa, nokugcina kwako njengosuku olubabayo.
11Bheka izinsuku zi yeza, i tyo iNkosi uJehova, e ngo tuma ngazo ukulamba ezweni, ku nga bi ukulambela isinkwa, nokomela amanzi, kepa ukuzwa izwi lika Jehova.
12Ba ya kuti ba ndinde ku suke elwandhle; ku suke enyakato ku ze ku fike empumalanga, ba ya kuhambela nga lapa na nga lapa ukufuna izwi lika Jehova kepa a ba yi ku li fumana.
13Nga lolosuku izintombi ezibukekayo, nezinsizwa zi ya kuba nesiyezi ngokoma.
14Labo a ba funga isipambekiso sa seSamaria, a ba ti, Kupila kuka tixo wako Dani; nokuti, Kupila kwendhlela ya seBersheba; bona ba ya kuwa, ba nga ze ba vuka napakade.