1NGAKO uma na vuswa kanye noKristu, funani okwa pezulu, lapo e kona uKristu ngakwesokunene sika Tixo.
2Qondani okwa pezulu, ni nga qondi okomhlaba.
3Ngokuba ni file; ukupila kwenu ku fihlelwe noKristu kuTixo.
4Nxa e bonakele uKristu, o ngukupila kwetu, nani ni ya kubonakala kanye naye ebukosini.
5Ngako bubisani amalungu enu a semhlabeni; ukuhlobonga, namanyala, nokukanuka okubi, nokunxanela, nokufisa, oku kunye nokukonza izitombe;
6Oku ti nga loko ulaka luka Tixo lwehlele pezu kwabangakolwayo;
7E kade na ni hamba kuko, lapo be ni hlezi kuko.
8Kepa kaloku lahlani loku konke, ulaka, nokutukutela, nokushinga, nokutuka, nokukuluma okubi, ku nga bi ko emlonyeni wenu.
9Ni nga qambelani, loku nambulile umuntu omdala kanye nemisebenzi yake,
10Nembete omutya, owenziwa mutya, a ze azisise, a m fuze owamenzayo;
11Lapo a ku ko umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, umBarbari nomSitia, isibotywa nokululekileyo; kepa uKristu u iko konke, u kubo bonke.
12Ngako, loku ni ngabaketiweyo baka Tixo, abangcwele nabatandekayo, yambatani imbilini yobubele, nesisa, nokutobeka, nobunene, nenyewe;
13Ni bekezelane, ni tetelelane; uma umuntu e necala komunye; njengokuba uKristu u ni tetelele, tetelelani njalo nani;
14Kepa pezu kwako konke loku, yembatani utando, olu isibopo sokupeleleyo.
15Ukutula kuka Tixo a ku buse ezinhliziyweni zenu, eni bizelwe kuko emzimbeni munye; ni bonge.
16Izwi lika Kristu a li hlale pakati kwenu li vame; ngokuhlakanipa konke ni fundisane, ni yalane, ngezihlabelelo, nezibongo, namagama ka Moya; ni hlabebele kuTixo ngokubonga ezinhliziyweni zenu.
17Konke eni kwenzayo, noma ku ngezwi, noma ku ngomsebenzi, kwenzeni konke ngegama leNkosi uJesu, ni m bonge uTixo uYise ngayo.
18Bafazi, hlonipani amadoda enu njengokunifanele eNkosini.
19Madoda, tandani omkenu, ni nga bi nolunya kubo.
20Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke; ngokuba kuhle loku eNkosini.
21Boyise, ni nga cunuli abantwana benu, funa ba dinwe.
22Zisebenzi, lalelani ezintweni zonke aba ngamakosi enu ngokwenyama; ni nga ba konzi ngobuso, njengabatokozisayo abantu; kepa ni ba konze ngenhliziyo i benye, ni yesabe iNkosi.
23Konke eni kwenzayo, kwenzeni ngenhliziyo, kungati ni yenzela iNkosi, ni nga benzeli abantu;
24Nazi ukuti, ni ya kuzuza eNkosini umvuzo wefa; ngokuba ni i konza iNkosi uKristu.
25O kwenza okubi, u ya kwamkeliswa okubi a kwenzayo; akuko ukuketa ngobuso.