1NGONYAKA wokuqala ka Dariusi indodana kaAhashweroshi o wenzalo yamaMadai, owenziwa inkosi pezu kombuso wabaKaldi.
2Ngonyaka wokuqala wokubusa kwake, mina Danyeli ngazisisa ngezincwadi isibalo seminyaka, e la ba kona izwi lika Jehova ngayo kuJeremia umazisi, ukupelelisa iminyaka e ngamashumi a isikombisa ekucitakaleni kweJerusalema.
3Nga ti nga beka ubuso bami kuyo iNkosi uTixo ukufunisisa ekutandazeni, nasekunxuseni, kanye nokuzila ukudhla, nendwangu yoboya, nomlota.
4Nga ti nga tandaza kuJehova uTixo wami, nga bika izono zetu; nga ti, Au, Nkosi, Tixo omkulu osabekayo; o gcina uvumelwano nomusa kubo aba m tandayo, aba londa izimemezelo zake.
5Sonile, si pambekile, senzile kabi, si hlubukile ngokudeda ezimemezelweni zako, nasemtetweni yako.
6Futi a si lalelanga izinceku zako abazisi, aba shumayele egameni lako kuwo amakosi etu, namakosana etu, naba obaba betu na kubantu bonke belizwe.
7Au Nkosi ku kuwe ukulunga, kitina ku kona amahloni obuso njenganamhla; na kumuntu wa seJuda, na kubo aba hlezi eJerusalema, na kwabaIsraeli bonke aba seduze, naba kude, emazweni onke lapo u ba kapezele kona, ngenkohliso yabo a ba yenzile ngokwenkohliso ngakuwe.
8Nkosi ku kitina amahloni obuso, na kumakosi etu, namakosana etu, na kobaba betu, ngokuba sonile nga kuwe.
9Kuyo iNkosi uTixo wetu ku kona isisa, noyekelo, ngokuba si hlubukile kuye.
10Futi a si lalelanga izwi lika Jehova uTixo wetu, ukuhamba emtetweni yake, a yi beke pambi kwetu ngesandhla sezinceku zake abazisi.
11Nabo bonke abaIsraeli beqile umteto wako, ngokudeda ukuze ba nga laleli izwi lako, kanti wena u tetile pezu kwetu isituko, nesifungo e si lotyiwe emtetweni ka Mosi inceku ka Tixo, ngokuba sonile nga kuye.
12U ti u qinisile amazwi ake a wa kuluma ngati, na ngabahluli betu a ba sahlula, ngokuleta okubi okukulu pezu kwetu; ukuti a ku zanga kwenziwe ngapansi kwezulu lonke njengaloku o kwenziwe eJerusalema.
13Njengokulotyiwe emtetweni ka Mosi, loku okubi konke ku ze pezu kwetu; kade a si kulekanga kuJehova uTixo wetu, ukubuya ezonweni zetu, nokunakela iqiniso lako.
14Ngako uJehova u lindile pezu kobubi, u bu buyisele pezu kwetu; ngokuba u lungile uJehova uTixo wetu ngayo yonke imisebenzi yake a yenzayo; kepa a si lalelanga izwi lake.
15Na kaloku Nkosi Tixo wetu o pumisile abantu bako ezweni la sEgipite ngesandhla esinamandhla; o zenzele futi igama njenganamhla; sonile, senze kabi.
16Au Nkosi ngokulunga konke kwako, ma ku dede ulaka lwako nentukutelo yako emzini wako iJerusalema, intaba yako eyingcwele, ngokuba ngezono zetu, na ngokupambeka kwa obaba betu, iJerusalema, nabantu bako ba yihlazo kuzo zonke izindawo e zi si zungelezayo.
17Na kaloku yizwa Tixo wetu umtandazo wenceku yako, nokunxusa kwayo u kanyise ubuso bako pezu kokuyingcwele kwako o ku citeke ngenxa yeNkosi.
18Beka indhlebe yako Tixo wami, u zwe; vula amehlo ako u bone izincitakalo zetu, nomuzi ogama lako li bizwa pezu kwawo, ngokuba a si beki ukucela kwetu pambi kwako ngokulunga kwetu, kodwa ngesisa sako esivamileyo.
19Nkosi, yizwa; Nkosi, yekela; Nkosi, lalela wenze; u nga libali ngenxa yako Tixo wami, ngokuba igama lako li bizwa pezu komuzi wako, na pezu kwabantu bako.
20Kwa ti ngi sa kuluma, ngi tandaza, ngi bika isono sami, nesono sabantu ba kiti abaIsraeli, ngi beka ukuncenga kwami pambi kuka Jehova uTixo wami ngentaba eyingcwele yika Tixo wami.
21Kwa ti ngi sa kuluma ekutandazeni; lomuntu uGabireli e nga m bona esibonakalweni kuqala, e kauleziswe ngokundiza, wa ngi namata ngesikati sokunikela kwa kusihlwa.
22Wa ngazisa, wa kuluma nami, wa ti, Danyeli, ngi pumile kaloku, uku ku fundisa ukwazisisa.
23Ekuqaleni kokunxusa kwako, isiyalelo sa puma, ngi ze uku ku bonisa, ngokuba u ngotandiweyo wena ngako yazisisa indaba, u qonde isibonakalo.
24Amasonto amashumi a isikombisa a nqunyelwe abantu bako, nomuzi wako oyingcwele ukuvimbela ukupambuka, nokukaula izono, nokuhlaulela ububi, nokungenisa ukulunga o ku nge nako ukupela, nokukaula, isibonakalo nokwazisa, nokugcoba okuyingcwele kokuyingcwele.
25Ngako yazi, qapele, ukuba ku suke ekupumeni kwesiyalelo sokubuyisela nokwaka iJerusalema, ku ze ku be kuye ogcotyiweyo iNkosi ko ba amasonto amashumi atatisitupa nambili; ko buya kwakiwe indhlela nomsele enhlupekweni yezikati.
26Ko ti emva kwamasonto amashumi atatisitupa nambili ogcotyiweyo a nqunywe, e nga biko kubo; futi abantu benkosi ezayo ba zo cita umuzi, nendawo eyingcwele, kepa ukupela kwayo ko ba njengozamcolo, ko ti ku be kona ukulwa ku ze ku be sekupeleni, izincitakalo eziyaleziweyo.
27Ku ya kuti a qinise uvumelwano nabaningi ngesonto li be linye a kaule ngenxenye yesonto ukunikela okuhlatyiweyo nokokudhla; ko ti ku be kona ocitayo pezu kwenyoni e nepiko lezinengeko; kepa ku ze ku be ekubujisweni, ukuti loku okuyaleziweyo ko telwa pezu kwake o za ku citwa.