1NINA ni ngabantwana baka Jehova uTixo wenu; a ni yi ku zinquma, ni pucule emkatini wamehlo enu ngenxa yabafileyo.
2Ngokuba ni ngabantu aba ngcwele kuJehova uTixo wenu noJehova u ni ketile, ni be ngabaketiweyo kuye ngapezu kwazo zonke izizwe ezi semhlabeni.
3U nga yi dhli into embi.
4Ilezi izilwane e ni ya kuzidhla; inkomo, imvu, nembuzi.
5Indhluzele, nezinhlobo zezinyamazane, nembuzi yasendhle, nenyati, nemvu yasendhle, nezameri.
6Nazo zonke izilwane, ezi nenselo e ya hlukeneyo, e ya hlukene kabili, nezetyisayo ezilwaneni, loku ni ya kukudhla.
7Kodwa ezitile na kuzo ezetyisayo a ni yi kuzidhla, na kwezi nenselo e yahlukeneyo; njengekamelo, nembila, nentenetya; zi yetyisa lezo, kodwa a zi nayo inselo e ya hlukeneyo ngako zi ngcolile kinina.
8Nengulube, ngokuba i nenselo e yahlukeneyo, kodwa ka yetyisi, i ngcolile kinina; ni nga yi dhli inyama yayo, ni nga tinti isidumbu sayo esifileyo.
9I lezi ezilwaneni zonke ezi semanzini e ni ya ku zi dhla, zonke ezi nezimbemba, nenkwetu.
10Ezi nge nazo izimbemba nenkwetu, a ni yi ku zi dhla, zi into e ngcolileyo kinina.
11Zonke izinyoni ezi nga ngcolile ni ya kuzidhla.
12Kodwa lezi e ni nga yi ku zi dhla; ukozi, noperesi noazniya.
13Neraya no aja, nenqe, izinhlobo ngezinhlobo.
14Negwababa, izinhlobo ngezinhlobo.
15Nesikova, nonhloile wasebusuku, neshakafi, nonhloile, izinhlobo ngezinhlobo.
16Nesikovana, nesikova esikulu, nehansi.
17Nekaati nokozi, neshalaki.
18Nokasida, neyanafa, izinhlobo ngezinhlobo, nodukipati, nelulwane.
19Nako konke okukasayo, okun dizayo ku into e ngcolileyo kinina; a ku yi kudhliwa.
20Kodwa ezinyonini zonke ezi ngangcolile ni nga zi dhla.
21A ni yi ku ku dhla okuzifelayo; u ya kukupa isihambi esi ngapakati kwamasango ako, ukuba si ku dhle; u nga tengisa ngako kowezizwe, ngokuba nina ni ngabantu abangcwele kuJehova uTixo wenu, A ni yi ku li peka izinyane lembuzi obisini luka nina.
22U ya kwahlukanisa impela inxenyana yeshumi yezitelo zako, ezi milayo ensimini iminyaka ngeminyaka.
23U dhle ngapambi kuka Jehova uTixo wako, endaweni a ya ku i keta ukubeka igama lake kona, inxenyana yeshumi yombila wako, newaini lako, namafuta ako, namazibulo emihlambi yako yezinkomo neyezimvu; u funde ukumesaba uJehova uTixo wako njalo.
24Uma indhlela i kude kuwe, u pelelwe amandhla ukukutwala loko; noma indawo i kude kakulu ku nawe e ketiweyo uJehova uTixo wako ukubeka igama lake kona, lapo uJehova uTixo wako e se ku busisile;
25Kona u ya kukupambanisa ngemali loko, u yi songe leyo mali esandhleni sako, u ye kuleyo ndawo e ya ku ketwa uJehova uTixo wako.
26U tenge nga leyo mali kuko konke oku tandwa inhliziyo yako, noma izinkabi, noma izimvu, noma iwaini, noma utywala obu namadhla, noma ku ngokutandwa inhliziyo yako konke; u dhle lapo ngapambi kuka Jehova uTixo wako, u jabule, wena, nabendhlu yako.
27NomLevi, o ngapakati kwamasango ako; u nga m shiyi, ngokuba a ka nalo ifa kanye nawe.
28Ekugcineni kweminyaka emitatu u ya kuleta zonke izinxenyana zeshumi zezitelo zako nga lowomnyaka, u zi bekelele ngapakati kwamasango ako;
29NomLevi (ngokuba ka nalo ifa kanye nawe), nesihambi, nongenayise, nomfelokazi, aba ngapakati kwamasango ako, ba ya kuza, ba dhle besuti; ukuze uJehova uTixo wako a ku busise, kuwo wonke umsebenzi owenziwa isandhla sako.