1ABAPRISTI abaLevi, naso sonke isizwe sa kwa Levi, A si yi ku ba nalo ifa kanye nabakaIsraeli; ba ya kudhla iminikelo ka Jehova eyenziwe ngomlilo, nefa lake.
2Ngako a ba yi ku ba nalo ifa kubafo wabo; ifa labo li uJehova, njengokutyo kwake kubo.
3Loku ku ya kuba inkokelo yabantu kumpristi, ku bona a benza umnikelo, noma ku inkabi noma imvu; ba ya ku m nika umkono, nemihlati yombili, nenanzi.
4U ya kumnika futi, izitelo zako zokuqala zombila newaini, namafuta, noboya bokuqala bezimvu zako.
5Ngokuba uJehova uTixo wako u m ketile yena kuzo zonke izizwe zakini ukuma, nokukonza ngegama lika Jehova, yena namadodana ake, njalo njalo.
6Noma ku puma umLevi emasangweni ako kubo bonke abakwaIsraeli, lapo e hambela kona, e fika nalo lonke utando lwenhliziyo yake endaweni e ya kuketwa uJehova;
7U ya kukonza ngegama lika Jehova uTixo wake, njengokwenza kwabafo wabo abaLevi abemayo lapo ngapambi ku ka Jehova.
8Ba ya kudhla okulinganayo, ngapandhle kokuvela ngentengiso yefa lika yise.
9Lapo se u fikile ezweni o li piwe uJehova uTixo wako, u nga fundi ukwenza okubi kwalezo zizwe.
10Ma ku nga funyanwa pakati kwenu namunye o wenza indodana noma indodakazi yake i dhlule emlilweni noma o bulayo, nohlola izikati, noinyanga nomuyengi wezinyoka, nesanusi.
11Nonemilingo, no kuluma nabafileyo, nomtakati, no nemilozi.
12Ngokuba bonke a benza lezi zinto ba isinengiso kuJehova; na ngazo lezi zinengiso uJehova uTixo wako u ya kubaxotya ngapambi kwako.
13Ma u pelele kuJehova uTixo wako.
14Ngokuba lezi zizwe o ya ku zi fuya, za ba lalela abahloli bezikati, naba bulayo; kodwa wena uJehova uTixo wako a ka ku vumeli ukuba wenze loko.
15uJehova uTixo wako u ya kukuvezela umprofeti wakini kubafo wenu, njengami; ma ni m lalele yena;
16Ngako konke o wa ku biza kuJehova uTixo wako eHorebe ngosuku lomhlangano, u ti, Ma ngi nga be ngi sa li zwa izwi lika Jehova uTixo wami, ma ngi nga be ngi sa wu bona lomlilo omkulu futi, funa ngi fe.
17Wa ti uJehova kimina, ba ku tyilo kahle, loko aba ku kulumileyo.
18Ngi ya kubavezela umProfeti kubafo wabo, a be njengawe, ngi ya kubeka amazwi ami emlonyeni wake; u ya kukuluma kubona konke a ku tyelwa imina.
19Ku ya kuti, uma e kona o nga wa laleliyo amazwi ami a wa kulumayo egameni lami, ngi ya kukubiza kuye.
20Kodwa umprofeti, o ya kukuluma izwi ngegama lami, e ngi nga m yalezanga ukuba a li kulume, noma e kuluma egameni lezinye izitixo, lowo mprofeti u ya kufa impela.
21Noma u ti wena enhliziyweni yako, Si ya kulazi ngani igama eli nga kulunywanga uJehova na?
22Uma umprofeti e kuluma egameni lika Jehova, uma le yonto ka i veli, yenzeke le yonto a i kulunywanga uJehova, umprofeti u zikulumele yona; a ni yi ku mesaba yena.